64 results in Unisa Press
8 - Isigcawu sesishiyagalombili
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 149-152
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UKK usemzini wakhe, ushayela uMaziya ucingo mayelana newashi likaMzwakhe elatholakala lapho okwashiswa khona izimoto.)
KK: (Ekhuluma ocingweni.) Kunjani Maziya?
MAZIYA: Hawu KK! Kudala ngakugcina. Kuyaphileka, kunjani kuwe?
KK: Ngikufonela mayelana naleli washi likaMzwakhe elatholwa amaphoyisa. Angibazi ubulima obunje!
MAZIYA: Akusasizi ukuthetha. Osekufuneka manje ukuthola icebo lokuthi bugqibeke bonke ubufakazi bokuthi nguyena owashisa izimoto.
KK: UMzwakhe ungitshele ukuthi uZondi ufikile kubo ezomfuna. Uthe uma ebuya akabokuza kuyena eshantshi laseRichards Bay.
MAZIYA: Lalivele lishilo leli phoyisa laseSwazini ukuthi amaphoyisa akhona azoxhumana nawaseNingizimu Afrika kungekudala. Kusho khona ukuthi sebexhumene.
KK: OMzwakhe laba abazi ukuthi kukhona umthetho osebenzayo phakathi kwamazwe ukuthi uma kukhona umuntu owenze ubugebengu kwelinye izwe lelo lizwe lingakwazi ukufaka isicelo kuhulumeni wezwe lapho umsolwa eyisakhamuzi sakhona ukuba aboshwe bese ethunyelwa khona ukuze aziphendulele emacaleni asolwa ukuthi uwenzile.
MAZIYA: Uqinisile, ngamuzwa lo mfana ukuthi akazwisisi ukuthi angaboshwa kanjani ngamaphoyisa aseSwazini yena ebe engesona isakhamuzi sakhona. Yena uthatha ngokuthi ngeke aphinde aye eSwazini. Yilapho ngabona ukuthi kumnyama ebusweni benkawu. Akazi ukuthi kukhona le extradition agreement okhuluma ngayo phakathi kwamazwe athize.
KK: Usakhula umfana. Kodwa luzoqina ukhakhayi ngoba uphila nathi. Kumele azi ukuthi kufanele acophelele noma yikuphi lapho enyathela khona. Uma kungenjalo uyodlala amaphoyisa awo wonke amazwe lawa.
MAZIYA: Ayidlali phela i-Interpol! Awusakhumbuli yini ukuthi iyona eyagcina ibophe uBaloyi waseLimpopo owayefunwa ngamehlo abomvu ngamaphoyisa alapha eNingizimu Afrika? I-Interpol yamthola e-Italy lapho ayesebalekele khona.
KK: Angithi usho lo owayesebenzisa abantu besifazane ukumshushumbisela izidakamizwa bezisa eBrazil?
MAZIYA: Yena kanye.
(Bavalelisane. Eqeda nje ukuluvala uKK kungene olunye ucingo. )
PHIRI: (Ekhuluma ocingweni.) Kunjani KK mfowethu?
KK: Kulungile, kuhamba kanjani lapho kuwena?
PHIRI: Zonke izinto zihamba kahle. Yiso nje isimo sezimali esingesihle kahle. Ngikuthinta ngoba ngicela ukwazi ukuthi ngizohola nini.
KK: Musa ukungijaha ngokuhola. Bengingakawathengisi amadayimane.
PHIRI: Isivumelwano esasenza asisho ukuthi uzonginikeza imali yami uma usuwathengisile. Savumelana ngokuthi imali ngizoyithola uma sengimnikile uMzwakhe amadayimane. Sekwenzekile-ke konke lokho, sekufanele ngihole.
KK: Uyabona Bhazuka, uma uzobe ulokhu ungibelesela ngale ndlela ongibelesela ngayo uzosuke ungabe usayithola le mali oyifunayo.
PHIRI: Uyangeyisa phela uma usho njalo. Udelela ngoba sewakuthola okufunayo. Ucabanga ukuthi uhlakan…
KK: (Emngena emlonyeni.) Lalela la wena silima. Ngeke usayithola leyo mali. Ungahamba uyomangala uma uthanda.
PHIRI: Kulungile KK. Mina ngithi ngizama ukukhuluma kahle nawe njengendoda, wena usungenzela ukuhlakanipha. Siyobohla Manyosi. Sizobona-ke ukuthi kuzogcina …
(Esecasukile, avele aluvale ucingo uKK. UPhiri asale ekhungathekile.)
2 - Isigcawu sesibili
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 17-18
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Esikoleni, ngesikhathi sekhefu, uThemba uzilungiselela ukuzibika kuZama.)
THEMBA: Sesifikile isikhathi. Usungahamba Sipho uyotshela uZama ukuthi ngicela ukukhuluma naye.
SIPHO: Kulungile mngani wami, noma kunzima nje lokhu othi mangikwenze. Sekuyikho njalo ukuqala kwenkathazo.
(Aqonde kuZama, afike ambingelele. UZama aphendule sakumbuza.)
ZAMA: (Ecasukile.) Uthini?
SIPHO: UThemba uthi ucela ukuxoxa nawe.
ZAMA: Ufuna ukuthini? Mtshele kuze yena.
SIPHO: (Aye kuThemba.) Mthimbane, thatha khona. Ukulindile umntwana.
THEMBA: Kulungile.
(UThemba aphuthume aye kuZama isifuba sigubhazela.)
ZAMA: Ngingakusiza ngani-ke Themba class mate wami?
THEMBA: Akukho okunye dadewethu ngaphandle kothando.
ZAMA: Lalela-ke. Wena ungowakwaCele, kanti mina angizalwa kwaNdosi njengoba wazi nawe. Kunjalo nje nomama wami akahlobene nakancane nabakini. Angazi-ke ukuthi kudalwa yini ukuba ungibize ngodadewenu ekubeni singebona abegazi linye. Ungangicacisela kulokho?
THEMBA: Empeleni wena Zama, buka la …
ZAMA: (Emngena emlonyeni.) Ngiyabona, mhlawumbe ubanjwe yinomfi. Engingakweluleka ngakho ukuthi hamba uye kobhuti bakho ubacele bakufundise ukuthi kweshelwa kanjani. Ngihlushwa ukuthi isikhathi sincane, bengizohlala nawe ngikufundise ukuthi kukhulunywa kanjani nentombazane uma uyeshela.
THEMBA: Ngingajabula kabi uma ungangipha ithuba dadewethu.
ZAMA: Ayaphela amakota etuckshop. Sala kahle.
(Amshiye kanjalo, ahambe.)
Amagama angadida umfundi / Iglosari
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 191-196
-
- Chapter
- Export citation
10 - Isigcawu seshumi
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 115-118
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Kuselokishini eSikhawini, uSpider uxoxa nabanye. Sebebonile ukuthi impilo yakhe isishintshile.)
MARTHA: Spider mfanomdala, izinto zikuhambela kahle impela kulezi zinsuku.
SPIDER: Awuzwe usisi edlala ngami madoda! Ukususela kuphi lokho okushoyo?
MARTHA: Ngibuka phela indlela osushaya ngayo ukotini muva nje. Manje usugqoka ngendlela ehluke kakhulu kunale obugqoka ngayo kuqala.
ZORO: Usho le nto nami engiyibonayo wena Martha. USpider manje usegqoka amadesigner clothes –oHugo Boss, Giorgio Armani, Paul Smith noPaul & Shark babuzwa kuyena.
MARTHA: Akasayingeni eyokuba nguhembe linye. Ngiyakutshela wena!
ZORO: Usenenqwaba yamabhulukwe nezicathulo. Iteki useligqoka nje mhla ethandile, hhayi indaba yokubelesela iteki kusukela ngoMsombuluko
kuze kuyoba ngomunye uMsombuluko. (Bahleke bobathathu.)
MARTHA: Ngabe wagqekeza kuphi? Kudela owaziyo!
ZORO: Ngiyethemba ukuthi nezikweletu zotshwala ezingakhokhwa sekwaba yinto angasayazi leyo manje.
MARTHA: Lutho, ngabe nje ngiyamqambela umntanabantu.USpider useyikhasimende lami elihle kabi manje. Usehlale ethenga ngokheshi njalo nje. Kanti-ke uma kwenzekile wakweleta, isikweletu sami usikhokha njengokwethembisa kwakhe. Amanga akasenawo neze manje.
ZORO: Spider, uyoze usho ukuthi imali engaka uyithathaphi. Buka nje, ushaya ngezinhlobo ezahlukene zomakhalekhukhwini abaphambili. Abantu ubabamba emoyeni ngeBlackBerry mfana.
SPIDER: Martha, ngicela ungiphe ivosi ngale mali. Ngifuna ukudla bese ngiyazihambela ngiyolala. Ngiyabona ukuthi nina nihlangene ngami.
MARTHA: Uzoke ulinde imizuzu embalwa ngisakwenzela. Ipapa lona?
SPIDER: Lilungile, ungangenzela nalo.
(Bamenzele ukudla kwakhe esitsheni angahamba naso. Bamnikeze bese evalelisa. UMartha noZoro baqhubeke bodwa ngengxoxo yokuthuthuka kwempilo kaSpider.)
ZORO: Kunjengoba sisho nje wena Martha. Ikhona ngempela indlela uSpider athola ngayo imali. Ngineqiniso lokuthi lapho ayithola khona kuyakhalwa.
MARTHA: Phela uSpider ujwayelene nalesi sigelekeqe esinguKK.
ZORO: Uqedile-ke uma usho njalo. Yonke le mali asenayo manje uSpider uyithola ngaye uKK.
MARTHA: Impela kunjalo. Kodwa-ke iqiniso elimsulwa ukuthi kwesinye isikhathi indlela eya ekunotheni iyingcuphe. Uyabona njengoba ngithengisa utshwala ngingenayo imvume ngisengcupheni yokuboshelwa ukuthengisa utshwala ngingenawo amaphepha angigunyaza ukuba ngingabuthengisa.
ZORO: Uqinisile.
MARTHA: Thina sihlulwa yini ukuguqula izimpilo zethu sinothe njengoba kwenza uSpider noKK?
ZORO: Ayikho into engasehlula.
(UZoro aqedele ukuphuza ingilazi yakhe bese evalelisa.)
3 - Isigcawu sesithathu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 93-96
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe uncokola noZama bekhuluma komakhalekhukhwini.)
MZWAKHE: (Ekhuluma kumakhalekhukhwini.) Kunjani Zama sithandwa sami esihle?
ZAMA: Ngisaphila. Kuyacaca ukuthi abakangithatheli wena osisi baseKapa uma usakwazi ukungibiza kamnandi kanjena.
MZWAKHE: (Eziba okushiwo nguZama.) Bengishayela ukubuza ukuthi kuhamba kanjani enyuvesi.
ZAMA: Akukho nencane inkinga sithandwa sami. Izolo ngibhalisile, ngaphinde ngaba nenhlanhla yokuthola indawo yokuhlala engaphesheya komgwaqo wekhempasi engizofunda kuyona.
MZWAKHE: Kwakuhle-ke ukuzwa lokho. Ngamanye amazwi izindleko zokugibela azisekho?
ZAMA: Asikho nesincane isidingo sokugibela. Ngizozishayela ngoCetshwayo.
MZWAKHE: Kuyajabulisa okushoyo. Sithandwa, sekufanele ngihambe manje ngiye emsebenzini. Ngizobuye ngikuthinte, ube nosuku oluhle.
ZAMA: Nawe ngokunjalo mntakwethu.
(Kuthi kusenjalo kungene ucingo oluphuma kudadewabo, uThandi.)
THANDI: (Ekhuluma kumakhalekhukhwini.) Sawubona bhuti, kunjani?
MZWAKHE: Hawu! Kunjani ngane kamama? Ayisazani.
THANDI: Kade ngilokhu ngikuzama. Kunini uhlezi ocingweni!
MZWAKHE: Lisaphila ikhehla?
THANDI: Akanalutho lowo, uphila njengosheleni. Mzwakhe, ngithi angikwazise ngamahemuhemu angiphatha kabi nagcwele ilokishi lonke.
MZWAKHE: Bathini-ke abasiki bebunda manje?
THANDI: Kudume ukuthi uThemba wabulawa nguwena.
MZWAKHE: Ungazikhathazi wena Thandi ngezinsolo ezingenasisekelo. Angithi nawe wazi kahle kamhlophe ukuthi mina ngobusuku ashona ngabo uThemba ngangisekhaya?
THANDI: Ngiyakwazi lokho. Ngabe anginandaba nala mahemuhemu ukuba umuntu owadumisayo ngumuntu nje.
MZWAKHE: Kanti ubani lona oshumeyela leli vangeli lamanga?
THANDI: Nguye kanye ubaba kaThemba. Uhamba etshela abantu ukuthi wena wabulala uThemba ngoba nibanga usisi uZama.
MZWAKHE: Ungazihluphi ngalowo mthakathi wakwaCele ngoba ayikho le nto ayishoyo. Sekufanele ngihambe. Usale kahle.
THANDI: Uphile bhuti.
(Bavale izingcingo zabo.)
2 - Isigcawu sesibili
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 59-62
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Emva kokuphuma kwesikole uSipho noThemba baxoxa ngendaba yokushaywa kwakhe nguMzwakhe.)
THEMBA: Kwenzenjani Sipho, wamabokoboko nje ebusweni? Angizange ngilithole ithuba lokukubuza ngesikhathi sekhefu.
SIPHO: Ngishelelile ngawa endlini yangasese.
THEMBA: Mngani wami, angiyikholwa le ncazelo yakho.
SIPHO: Kulungile, ngizokhuluma iqiniso ngoba uyangibelesela. Ngishaywe uMzwakhe.
THEMBA: Bekwenzenjani?
SIPHO: Uthe ufuna ukungikhombisa ukuthi ziqondiswa kanjani izigwegwe zomuntu oweyisayo.
THEMBA: Pho awubange usathola nethuba lokuvika?
SIPHO: Ukuthi ungizumile.
THEMBA: Kusho ukuthi uMzwakhe uyingozi enkulu ma ekwazi ukushaya umuntu avuvukale kube sengathi ushayiswe ibhasi.
SIPHO: Masikhohlwe yile ndaba ngoba usuhlekisa ngami. Uthini nje uma uthi ngishayiswe ibhasi?
THEMBA: Ngiyaxolisa mngani wami. Angiqondile ukuhlekisa ngawe. Bengizama ukuchaza indlela olimele ngayo. Ngitshele phela ukuthi ukushayeleni.
SIPHO: Ungibize ngeposi lakho. Wathi ngikutshele ukuthi yehlukana nentombi yakhe. Ngibe sengimazisa ukuba akakutshele yena qobo lwakhe, ayeke ukuthuma mina. Ngiphinde ngathi akayeke ukungidelela ngokuba angibize ngeposi. Emva kwalokho uvele wangidumela ngezibhakela.
THEMBA: Awuve uligwala nawe mngani. Uvumela ukushaywa ngomunye umfana ungabe usaphindisela. Ububoshwe izandla yini?
SIPHO: Mhlawumbe kungangcono ukhohlwe uZama. UMzwakhe uzobulala umuntu ozomthathela uZama.
THEMBA: Usumesabisa okwenyoka. UMzwakhe kumela akwazi ukuthi oseyihlabile akakayosi noseyosile akakayidli, oyidlile udle icala. Yena uzowukhomba umuzi onotshwala.
SIPHO: (Encenga.) Ngicela ungisize Themba mngani wami. Ungangifaki kunoma yini oyenzayo. Ngibuka kuhle okwemvukuzane ngenxa yakho. Bheka nje manje akufundeki nakahle. Njalo uma ngifika ekhaya kumele ngithobe ubuso. Angazi nokuthi ngizosilungiselela kanjani isivivinyo sakusasa.
THEMBA: Khululeka mfana omdala. Lolu daba selusezandleni zami, wena awungeni ndawo.
SIPHO: Uboqaphela uma uzolwa noMzwakhe. Isibhakela sakhe sitinyela kuhle okwenyosi.
(Bahlukane omunye nomunye eseya ekhaya.)
13 - Isigcawu seshumi nantathu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 169-172
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Efulethini, uZama udliwa umzwangedwa. Kusenjalo kufika umngani wakhe u-Ayanda.)
ZAMA: (Usezwa ukungqongqoza emnyango.) Ngiyeza, ubani lowo?
Ayanda: (Ephendula.) Vula mngani wami. Yimina u-Ayanda.
ZAMA: (Evula umnyango.) Ngena Ayanda.
AYANDA: Sengingqongqoze isikhathi eside. Ngicishe ngahamba sengicabanga ukuthi akunamuntu. Yini ekwenza ukuba uphuze ukuphendula ngoba nomculo owudlalayo ukhalela phansi?
ZAMA: (Emomotheka.) Kufana nokuthi bekungekho muntu lapha efulethini. Ingqondo yami ibivakashele kwenye indawo engingayazi nami.
AYANDA: Uma ngikubona umomotheka kanjena kusho ukuthi weneme. UMzwakhe noma ilecturer?
ZAMA: Lutho. Angithi uyazi ukuthi ngithole umfundaze ozonginikeza ngisho imali yokuhlangabezana nezidingo zempilo.
Ayanda: (Ehleka.) Mngani wami, angithi uyazi ukuthi amanga awahlangani neqiniso?
ZAMA: Uqonde ukuthini?
AYANDA: Ungakhohlwa ukuthi benginawe ngesikhathi uthola incwadi ekubikela ukuthi uthole umfundaze. Yebo, ubujabule kodwa awuzange uhanjelwe yingqondo njengoba uchaza manje. UMzwakhe noma uRomeo?
ZAMA: Niyazithanda izindaba zabantu we-Ayanda!
AYANDA: Uyambona phela nawe uRomeo ukuthi insizwa ziphelele. Ukube bekuyimina lona amfuna phansi phezulu bengingeke ngilokhu ngicucuza ngiqhenya into engingayazi ukuthi ibheke kuphi. Bengizovele ngimqome engakaqedi nokuphimisela elokuthi uyangithanda. Ubezothi esathi ngiyakutha… Ngivele ngithi sithandwa sami sengithanda wena wedwa kulo mhlaba, akekho omunye ngaphandle kwakho.
ZAMA: Umenzenjani lona othandana naye neninomlando osuka kude?
AYANDA: Ubeyozibona ukuqeda. Bengizobe ngiya kwanhliziyo ngise. Ucabanga ukuthi uma yena selumfikele uthando lomunye umuntu wesifazane uzobe elokhu ecabanga ngomlando wenu? Musa ukuzenza isilima wena Zama. Awubazi yini abantu besilisa? Angithi uke wangixoxela ukuthi uMzwakhe uke wathandana nosisi othize. Yini engamvimbela ukuba aphinde athande enye intombazane?
ZAMA: Uthando lweqiniso yilona kuphela olwenza ukuba umuntu anqobe izilingo.
AYANDA: Yiqiniso elimsulwa lelo mngani wami. Ngalikhumbula leli gama. UMzwakhe wayesakuthanda ngokweqiniso uma elingwa nguNomonde? Ngeke ngize ngikufihlele mngani wami, naye wayemthanda.
ZAMA: Yini ngisole sengathi usukhulumela uRomeo nje mngani wami? Ngabe ukuthengile, kukhona akwethembise kona?
AYANDA: Cha akunjalo. Ukuthi angifuni ukuba uzilahlekisele okukhona ngokungekho.
ZAMA: Umuntu angazi kanjani ukuthi ukuthandana noRomeo kungaba ukuthola okuyikho? Amadoda ayafana. NakuMzwakhe yonke into yayihamba kahle ngaphambi kokufika kukaNomonde.
AYANDA: Uyazikhohlisa mngani wami. Uma ngihlaziya zonke izinto owangixoxela zona uMzwakhe akakaze afanelane nawe. Ukuthi inkungu yothando ibikuvale amehlo. Kuthe ngci izimbici kuwena. Ithuba lokuguqula impilo yakho unalo. Nangu uRomeo ethi qithi kuhle kwemana. Mamukele ngazo zombili ntombazane.
ZAMA: Ngiyakuzwa ukuthi uyakhuluma mngani wami.
AYANDA: Ngeke ngize ngikulahlise mina. Ukuba bengingathandi ukuba uphumelele bengizothi khohlwa uRomeo ukuze mina ngizisondeze kuyena bese ngikwephuca iqatha emlonyeni. (Kukhale ucingo, avele alubuke esebiphe sengathi ubephuza inhlaba.) Naso-ke leso sicefe somfana. Angazi nokuthi inombolo yami sayinikezwa ngubani.
ZAMA: Hawu! Ngeke uliphendule yini?
AYANDA: Anginaso isikhathi sokudlala mina.
4 - Isigcawu sesine
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 97-100
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Kukwabra KK kusihlwa, usebuyile ePitoli, ukhuluma kumakhalekhukhwini noPuseletso.)
KK: (Ephendula ucingo.) Sawubona sithandwa.
PUSELETSO: Kunjani sithandwa sami. Usaphila?
KK: Ngisaphila, wena unjani?
PUSELETSO: Nami ngiyaphila. Ngithi angibuze ukuthi uhambe kanjani ngesikhathi usuka lapha kimi.
KK: Ngihambe kahle kakhulu. Nginethemba lokuthi nawe usale kahle.
PUSELETSO: Lalela lapha-ke KK. Nguwena kuphela umuntu engimcabangile mayelana naleli thuba lebhizinisi engizokhuluma ngalo.
KK: Khuluma, ngilalele.
PUSELETSO: Umshini wemali lo engikhuluma ngawo.
KK: Ukhuluma ngama-ATM? Mina angisebenzi ngama-ATM. Lowo msebenzi usunobungozi kabi manje. Futhi nje sebebaningi abantu abayizimfundamakhwela ababhoma ama-ATM. Namaphoyisa asehlala ecuphile ukubamba lezo zigebengu.
PUSELETSO: Angiqondile ama-ATM mina, kepha ngikhuluma ngomshini wokwenza amavovo.
KK: Usho umshini wokukhiqiza imali? Uwuthathe kuphi lowo mshini wena? Wenza imali engakanani?
PUSELETSO: Umshini engikhuluma ngawo ukhiqiza oR50, oR100 kanye noR200.
KK: Akuyona imali esheshe ibonakale ukuthi iyimali yomgunyathi?
PUSELETSO: Ake uyeke ukungiphazamisa. Lo mshini ngaziswe ngawo unjiniyela waseJalimane. Bengikhuluma naye izolo, uthi imali eyakhiwa yilo mshini wakhe icishe ifane ncamashi nemali yangempela. Ochwepheshe kuphela abangakwazi ukubona ukuthi imali ekhiqizwa yilo mshini akuyona eyangempela.
KK: Mina ngingena kuphi kulo mshini wenu? Futhi yini eyenza ukuba lo njiniyela angaqhubeki nokukhiqiza le mali yakhe kodwa aqoke ukwedlulisela umsebenzi komunye umuntu?
PUSELETSO: Kudala awuqala lo mshikashika lapha eGauteng. Manje amaphoyisa afuna umnyombo walapho ikhiqizwa khona le mali. Manje-ke lo Mjalimane ubone kungcono ukuba athole umuntu angamethemba nongasebenzisa lo mshini kwesinye isifundazwe ukuze athi ukwedukisa umkhondo okwesikhashana. Uthi …
KK: (Emphazamisa.) Lo njiniyela wakho uzonikela nje ngomshini wakhe ebe engezukuzuza lutho?
PUSELETSO: Yilapho ebengiqonde khona kanye ngaphambi kokuba ungiphazamise.
KK: Umsebenzi wami kuzoba yini kahle hle?
PUSELETSO: Ukukhiqiza le mali, bese uzama ukuyishintshela emalini yangempela. Ingxenye yenzuzo kuzoba ngeyakho, bese enye kube ngeyakhe umnikazi womshini. Okusho ukuthi nizoya 50/50.
KK: Ngingambona nini pho umnikazi womshini? Ubani futhi igama lakhe?
PUSELETSO: Igama lakhe ngu-Adolf. Ufuna nibonane naye kusasa eSheraton Hotel, khona lapha eTshwane ngehora lesikhombisa kusihlwa.
KK: Angiyiboni inkinga, ngizobhukha indiza kathwalofu kusasa ukuze ngifike e-OR Tambo International selithambama ilanga. Ngiyacabanga ukuthi uma ngihlele kanjena ngizofika ngaphambi kwesikhathi eTshwane ukuze ngingambambezeli lo mbhemu wakho.
PUSELETSO: Kulungile, mina no-Adolf uzosithola sesivele sikulindele eSheraton Hotel. Emva kokuba senginixhumanisile ngiyobe sengiyanishiya ukuze nikwazi ukukhuluma nikhululekile.
KK: Ngikuthandela khona lokhu-ke sithandwa sami.Uphile, sesiyobonana kusasa.
PUSELETSO: Sala kahle sithandwa.
(Bavale izingcingo zabo.)
2 - Inkundla Yesibili
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 13-14
-
- Chapter
- Export citation
1 - Isigcawu sokuqala
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 87-88
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe useseKapa lapho ebambe khona itoho. Kunentombi ezifelayo ngaye.)
NOMONDE: (Ecabanga aze aphimisele.) Uyazi, uMzwakhe unenswebu kaJerry. Ungikhumbuza lezo zinsuku zobumnandi engangizichitha nesoka lami enyuvesi. Abafana madoda! Bheka nje ngoba Jerry ndini lowo wagcina eseshade noRose umngani wami omkhulu. Kodwa-ke angicabangi ukuthi bazohlalelana ngoba babengadalelwene. Ake ngiyeke ukubalisa, ngicabange ukuthi le nyamazane yami enguMzwakhe ngizoyibamba kanjani. Ngiyamthanda uMzwakhe, kodwa yena sengathi akaboni ukuthi uma ngimbona inhliziyo yami ishaya ngamandla.
(Kusehhovisi, uMzwakhe ukhuluma nomphathi wakhe.)
MZWAKHE: Ngicela ubheke amaquestionnaire ebengisebenza ngawo namhlanje. Ngithemba ukuthi agcwaliseke kahle.
NOMONDE: (Ewabheka.) Wenze umsebenzi oncomekayo. Empeleni, selokhu wafika umsebenzi wakho uwenza ngokuzikhandla. Ngalokho-ke udinga ukuphunyuzwa ingqondo.
MZWAKHE: Kanjani?
NOMONDE: Laphaya eSea Point kunendawo yokudlela ethengisa konke ukudla ongase ukucabange okutholakala olwandle. Ngi…
MZWAKHE: Ave ngiyithanda isea food! (Ebona ukuthi uyaphazamisa.) Uxole ngokukuhambela phambili. Qhubeka, ngilalele.
NOMONDE: Ngicabanga ukuthi kungakuhle uma singayivakashela kusasa siyodla ukudla kwakusihlwa.
MZWAKHE: Ngingakujabulela kakhulu lokho. Phela selokhu ngafika lapha angikaze ngiye endaweni yokudlela. Ngingathokoza kakhulu ukubona le ndawo okhuluma ngayo.
NOMONDE: Awuzwa-ke!
(Sebevumelene ngokuthi bazoya ukuyongcebeleka, uMzwakhe abuyele emsebenzini wakhe.)
5 - Isigcawu sesihlanu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 23-26
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UZama noMzwakhe baxoxa ezabo zokuthandana.)
MZWAKHE: Ake usho, wenzani ngoMgqibelo lo esiya kuwo?
ZAMA: Ngikhululekile, ngaphandle kokuthi ngeSonto umuntu kuzodingeka azinike isikhathi esanele sokufundela isivivinyo sangoLwesibili.
MZWAKHE: Ukuthi benginesifiso sokukukhipha.
ZAMA: Waze wangijabulisa dade! Sizoya kuphi nje sithandwa sami?
MZWAKHE: Bengicabanga eshopping mall, iPavillion. Ngifuna ukukuthengela okokugqoka okuthandwa nguwena. Singaphinde sibuke imuvi ezokhethwa nguwena.
ZAMA: Mntakwethu, angazi ukuthi ngizobonga ngithini. Kodwa-ke sizofika ngani khona lapho ePavillion? Kuyibangana phela ukusuka lapha eMpangeni uya eThekwini. Angeke nje uze ukwazi
ukushishiliza ngekhasi likabhanana uze uyothi nsi egagasini. (Uyamgcona, ayokhe insini.)
MZWAKHE: Khululeka. Thina ngeke sihambe ngisho nangetekisi.
ZAMA: Awungiphuthume sithandwa. Tshela mina ngitshele abangazi, ngabe sizomila izimpiko sindize size siyothi cababa eMdubane?
MZWAKHE: (Ephendula ngokubhuqa.) Uma uthanda, yinto ecishe ifane naleyo.
ZAMA: Mzwakhe, khuluma phela baba. Kuhanjwa ngani?
MZWAKHE: Ngicele ubra KK ukuba angiboleke le moto yakhe eyisilahla. Uvumile. Uthe ngingayibuyisa ekupheleni kwempelasonto.
ZAMA: Indlela olayithe ngayo wena iyamangalisa. Ukwazi ngisho nokugoqa abaphathi bakho imbala.
MZWAKHE: Akunjalo sithandwa. Angithi uyakhumbula ukuthi bengihambise isipesheli saseSwazini ngempelasonto edlule?
ZAMA: Ngiyakhumbula, futhi nesizungu owangishiya naso ngisikhumbula kahle.
MZWAKHE: Abantu engangibahambisile abawuvali umlomo.
ZAMA: Batheni ngawe?
MZWAKHE: Batshele ubra KK ukuthi angive ngibaphathe kahle endleleni, ikakhulukazi njengoba izingozi zemigwaqo sezathi chithisaka nje. Bancome nokuthi ngilandela imithetho yomgwaqo,
nanokuthi indlela engishayela kahle ngayo ibenza bakhululeke, bafikelwe ubuthongo balale.
ZAMA: Wadla Mzwakhe ungasaqali!
MZWAKHE: Yingakho-ke engananazi ukungiboleka imoto yakhe kanokusho ngale mpelasonto. Yiyona ndlela akhombisa ngayo ukubonga ngokumphathela kahle abagibeli bakhe.Akagcinanga lapho, kodwa uphinde wangithi xaxa nasemholweni.
ZAMA: Ngiyakubongela sithandwa sami. Awuthi uZama aqabule. Cabuza-ke baba. (Bahleke, baqabulane.) Awuboni-ke izinto zami bantu. Mzwakhe mntakwethu, kwaze kwaba mnandi ukuba lapha. Ngabe ikhona yini enye intombazane elethwa lapha ngaphandle kwami? Uma ikhona ngingayifumba ngempama eyoyixoxela amagwababa echobana.
MZWAKHE: (Ahleke kakhulu.) Nawe uyazazela, akekho omunye ngaphandle kwakho sithandwa. Sesiqedile ngalezi zibiliboco manje. Sesingahamba-ke manje.
ZAMA: Mthiya wami omuhle! Noma ngabe yini eshiwo nguwena ilungile sithandwa sami. Ngiyazi ukuthi wena ngeke ungiphose eweni.
(UMzwakhe acele ibhili, bakhokhe bese beyahamba.)
4 - Inkundla Yesine
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 85-86
-
- Chapter
- Export citation
1 - Isigcawu sokuqala
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 55-58
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe noThandi baxoxa ngesimo sakubo kanye nokukhulelwa kukaZama.)
THANDI: Bhuti, angazi ukuthi ngabe siphila kanjani ukube awukwazi ukuthenga ukudla nogesi, uphinde ungikhokhele esikoleni.
MZWAKHE: (Ethukuthele.) Kuyaye kuthiwe amachwane enyoka ayazibonela uma esezelwe. Nathi lapha ekhaya saqalekiswa ngokuba sibe ngamachwane enyoka.
(UThandi azibonele ukuthi umfula usuqala ukudla izindwani. Abone kungcono ukuba bayiyeke le ngxoxo.)
THANDI: Unalo kodwa ulwazi lokuthi usisi uZama uzobeletha nini?
MZWAKHE: Cishe kuyoba ekupheleni kukaMeyi wonyaka ozayo.
THANDI: Thina-ke ebesizibukela sikude asicabangi ukuthi ubaba womntwana kaZama kungaba ngomunye umuntu ngaphandle kwakho. Wena ubona kanjani?
MZWAKHE: Nami ngibona kanjalo. Ukuthi phela umuntu uba novadlwana ngoba izinto ziyenzeka lapha emhlabeni.
THANDI: Kahle bo bhuti! Ucabanga ukuthi kungenzeka kube yilokhu enikubiza ngokuthi ukugqokiswa injiva?
MZWAKHE: Noma uZama ngimthemba, kodwa ngike ngafikelwa umqondo wokuthi kuthathwe igazi liyohlolwa elebhu ukuze ngibe nesiqiniseko sokuthi ingane ngeyami ngempela.
THANDI: Uke wacabanga ukwenza ipartenity test? Uyazi ukuthi lowo mcabango kungenzeka udale uqhekeko phakathi kwakho noZama? Umuntu wesifazane akathandi ukuba ungabaze ngothando analo ngawe. Angisayiphathi-ke eyokucabanga ukuthi ingane ayizele kungenzeka kungabi ngeyakho.
MZWAKHE: Mina angiyiboni inkinga uma umuntu ezethemba ukuthi akanaso isimilo esintengantengayo.
THANDI: Njengoba bengishilo, inhlolo yokuqinisekisa ukuthi ungubaba womntwana ngempela ingagcina ngokuba inihlukanise.
MZWAKHE: Angingazikhathazi ngale nto. Vele umntwana ozozalwa uzobe engowakwaShandu. Usathane nje lo ongenza ngidlinze ngokubi.
THANDI: Ngiyajabula uma usukubona lokho. (Aguqule ingxoxo.) Ake ngibuze ngokwenzeke emini.
MZWAKHE: Kwenzekeni?
THANDI: Ngizwe ngandlebenye ukuthi wena ungqimuze uSipho wamlahla phansi ngesiqhwiza umentshisi.
MZWAKHE: Bengimshayela le ngqondo yakhe ebhedayo.
THANDI: Kuthiwa ingane yabantu ivuvukele kabi ebusweni. Amehlo awaboni kahle, ubuka lufifi kuhle okwemvukuzane.
MZWAKHE: Lowo angikamshayi, siyeza isikhathi sakhe lapho ngizommuhluza khona aze aphaphame kwamhlophe qwa amashidi asesibhedlela.
THANDI: (Ethukile.) Ubobhasobha bhuti, ungalimazi abanye abantwana ngoba uzoboshwa.
(UMzwakhe atshele udadewabo ukuthi kukhona lapho aphuthuma khona. Aphume ahambe.)
1 - Isigcawu sokuqala
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 3-6
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe uhamba ngemoto, ulibangise ezweni laseMozambique.)
MZWAKHE: (Ekhuluma kumakhalekhukhwini.) Kunjani bafo?
MAZIYA: (Ephendula.) Sekunguwe lowo Mzwakhe?
MZWAKHE: Yebo, yimina lo. Ake usho, unobani lapho?
MAZIYA: Okwamanje ngingedwa lapha ehhovisi, ungakhuluma masinyane. Sekusele ibanga elingakanani ufike lapha?
MZWAKHE: Ibhodi engiqeda kuledlula likhomba ukuthi sekusele amakhilomitha ayikhulu ngaphambi kokuba ngifike lapho.
MAZIYA: Cha, uyashesha mfana. Mina bengisazitshela ukuthi usekude, le ngakoMkhuze.
MZWAKHE: Kudala ngidlulile lapho. Lalela-ke, namhlanje ngihamba ngonyanyavu.
MAZIYA: Usho kanje mfowethu! Hlobo luni-ke lwemoto lolo?
MZWAKHE: Ngihamba ngeBMW 325i, hhayi indaba yokudlala. Umbala wayo uluhlaza okotshani, kanti izinombolo zayo zingezaseGauteng. Ngithemba ukuthi ngeke udideke.
MAZIYA: Kade ngangiwenza lo msebenzi Mzwakhe, ngeke libe khona nelincane iphutha. Uzothi ufika esangweni lomngcele ngizobe sengikulindele kudala. Imoto leyo ngizokwenza sengathi ngiyayihlola ukuthi yonke into iqondile kanti ngiyazindezela nje.
MZWAKHE: Hho, ngiyakuzwa . . .
MAZIYA: (Emphazamisa.) Ikhasimende usunalo nje?
MZWAKHE: Khululeka-ke ngalapho. Umthengi nguTembe, ungowaseXai Xai. Ngizohlangana naye kwelinye lamahhotela aseMaputo.
MAZIYA: Mina-ke ungiphatheleni?
MZWAKHE: Utwo stina. Nawe uyazazela nje!
MAZIYA: Ukhumbule ukuthi imali uyifaka emvilophini bese uyibeka esihlalweni esiseceleni kwesakho. Unganginiki yona esandleni, mina ngizozithathela esihlalweni leso.
MZWAKHE: Kulungile. Wena-ke usuzobona ngami.
(UMzwakhe usefike emngceleni okumele adlule kuwona. Ukhuluma nephoyisa eliqaphe kulo mngcele. Lenza sengathi liyayihlola imoto.)
MAZIYA: Usungaqhubeka nohambo lwakho ndoda. Konke kulungile.
MZWAKHE: Ngiyabonga.
(Esekhuluma yedwa.) Ngaphinde ngadabula ngingasaqali mina Shandu, uNdabezitha, uGumbilamagwala, uMthiya! Lesi silima sephoyisa esisebenza noMaziya asikhohliwe nje imoto kungeyami ngempela. NoMaziya uvele waliphotha lagcwala. (Elibala yindaba yephoyisa.) Sengifikile njalo kulo mgwaqo, u-Eduardo Mondlane. Kuthiwe ihhotela esizobonana kulo noTembe yiGoa Hotel. Ngabe likuphi lona leli hhotela uma umuntu eselapha? Sengiyabona manje, naliya ngaphesheya komgwaqo.
(Sekuqala ukuhwalala, uMzwakhe usefikile kuTembe.)
Ngiyethemba ukuthi nawe uzibonele Tembe ukuthi akukho okungekho kule moto, iyifull house yangempela. Ine-alamu, immobiliser, umsakazo osezingeni eliphezulu owakhiwe eJaphani, kuphinde kube khona neshuttle equkatha amaCD angamashumi amathathu.
TEMBE: Impela, nami ngiyazibonela. Usebenzile ndoda yamadoda. Thatha leli saka, liqukethe izinkulungwane eziyishumi zamarandi.
(UMzwakhe athathe isaka. Alivule, amoyizele ngenkathi elunguza ngaphakathi kulo.)
MZWAKHE: (Esukuma.) Asehlukane manje ngaph. . .
TEMBE: (Emphazamisa.) Ungakahambi Mzwakhe, kukhona umngani wami ofuna iveni eyi-one toner, ilong base. Ungamzamela yona?
MZWAKHE: Angazi, ngizokhuluma nobra KK. Nguyena ohlela zonke izinto. Ngizomazisa, yena-ke uzobe esexhumana nawe.
TEMBE: Ngizwa kahle. Uhambe kahle-ke mfowethu.
(Bahlukane emva kokuvalelisana.)
3 - Isigcawu sesithathu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 63-66
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe uvakashele uZama kwagogo wakhe.)
GOGO: Kwenzenjani Zama? Umsakazo wakhalela phezulu kangaka, awuzwa ezindlebeni? Awuzwa nje ukuthi kukhona umuntu ongqongqozayo? (Akhulume nongqongqozayo.) Ngena, akukhiyiwe.
MZWAKHE: Sanibonani endlini.
GOGO: (Ejabulile.) Yebo mfana wami. Usikhumbulile namhlanje fana. (Ebhekise kuZama.) Zama, ake uyeke ukulokhu unwabuluka. Thatha nali ibhodlela likadilinki uyofuna okuphuzwayo esitolo.
ZAMA: (Ehleka.) Yebo gogo.
GOGO: Konje fana wathi ungowakwabani isibongo? Uzalwa ngubani?
MZWAKHE: Hawu gogo! UZama akazange nje akwazise ngami?
GOGO: Cha mntanami. Ukuguga sekwathatha indawo yakho lapha kithina. Ngakhohlwa nawukubuza wena qobo lwakho mhla ulethe uZama lapha.
MZWAKHE: NgingowakwaMbatha gogo. Ubaba udume ngelikaKhiphimpi.
GOGO: Kanti uyingane kaKhiphimpi wena? Abazali bakho ngibazi kahle, ngisho nonyoko ongasekho emhlabeni naye ngiyamazi. Sasisonta nabo kuleliya sonto elakhiwe ngezitini ezibomvu ngaselenke yamatekisi. Uyalibona leli sonto engikhuluma ngalo?
MZWAKHE: Lelo sonto elingaserenki ngelaseWeseli.
GOGO: Lona kanye mntanami. Engakabi njena uyihlo wayemazi kakhulu uMdali. Kwabe kazifikile izimbiza zikaFaro, impela umuntu owadala utshwala ngimnyanya kabi! (Ezwe izigi zomuntu ekhishini.) Usubuyile Zama?
ZAMA: Yebo, sengibuyile gogo. Nasi nesiphuzo obukade ungithume sona.
GOGO: Awuboni-ke mntanomntanami. (Eqondise kubo bobabili.) Thelani niphuze bantabami. Nisize ningazihluphi ngami. Thina sesaba yizinkubela zikashukela.
MZWAKHE: Siyabonga gogo. Nami ngidlule esitolo ngathi ukucoshacosha izintwana engicabanga ukuthi ningazidinga lapha ekhaya. (Esho ebakhombisa upulasitiki ophethe akuthengile.)
GOGO: Awuboni-ke mfana wami. Impela uZama uma engase ahlukane nawe angazi ukuthi uyobuye amthole kuphi umkhwenyana onjengawe. Ake nginishiye bantabami, nisale nizixoxela ezenu zobusha. Thina bongubo ziya eweni sisaya esigcakini.
(Aphume ugogo. Basale bethamunda ezabo.)
5 - Isigcawu sesihlanu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 137-142
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UKK uhlela ukubhoma umuzi kaMartha. Lokhu ukuhlela noGoba owazi kabanzi ngeziqhumane.)
KK: (Eme emnyango.) Ungangena Mnumzane Goba. Ungazinaki, ngeke zikulume izinja.
GOBA: Khululeka ndodana, izinja ngizijwayele. Angizesabi.
KK: Angizukuchitha sikhathi, kubi. Kunento engifuna ukuyenza masinyane ngaphambi kokuba izinto zonakale.
GOBA: Ngizwile uma ngikhuluma nawe ocingweni ukuthi awumnandi. Kungimangazile nokungifonela kwakho, phela kade sagcina ukukhuluma. Kwenzenjani?
KK: Ngifuna umuntu onolwazi lweziqhumane, umakadebona ekusetshenzisweni kwazo. Nguwena kuphela ofike engqondweni yami.
GOBA: Hha, mina mfana ayikho into engingayazi ngeziqhumane. Angithi usayikhumbula imibhoshongo emithathu yemboni yakwaSmith & Nephew ePhayindane?
KK: Ngiyayikhumbula, kodwa sengathi ayisekho manje. Kwenzakalani ngayo?
GOBA: Awazi? Leyo mibhoshongo yabhidlizwa yabekwa phansi. Uthi uyazibuka nje izindaba wena KK? Ukubhidlizwa kwayo kwaze kwavezwa nakulolu hlelo lwezindaba ezisematheni KwaZulu-Natali. Uhlelo lelo lwaziwa ngokuthi yiKZN Tonight.
KK: Ngalo msebenzi umuntu awenzayo uhlala esendleleni. Asikho kahle isikhathi sokuhlala phambi kukamabonakude.
GOBA: Ngangingomunye wabantu ababehola ithimba elalihlela ukubhidlizwa kwaleyo mibhoshongo. Abezindaba baze bangifaka imibuzo ngalowo msebenzi. Mina lo, ngavela kumabonakude osukwini olungaphambi kokubhidlizwa kwayo.
KK: Ngiyakuzwa konke okushoyo. Engikucela kuwe ukuba ungitholele iziqhumane masinyane. Kunomuzi okumele uqhunyiswe ngaphambi kokuba izinto zonakale. Inkinga nje ukuthi nawe awusasebenzi kule mboni yeziqhumane. Uyazi-ke nawe ukuthi iziqhumane ngeke uzithenge noma yikanjani njengoba usuke uthenga isinkwa esitolo.
GOBA: Kunjalo. Ngeke umane usuke uye esitolo uthi uyothenga iziqhumane ube ungabhalisile ngokusemthethweni njengomuntu onesitifiketi sokusebenza ngeziqhumane.
KK: Pho uzozithola kanjani?
GOBA: Noma ngingasasebenzi khona kodwa bakhona ozakwethu abasasebenza. Uma nje singanikeza abafana imadlana yokuzijabulisa bangazikhipha beshesha. Emva kwalokho uzobe usungazisa ukuthi yimuphi lo muzi okumele uqhunyiswe.
KK: Angifuni ukuba kubhidlike indlu nje kuphela. Ngifuna kufe yonke into yakhona nabo bonke abantu bakhona, kuvalwe ngehlahla. Ungizwa kahle? Ngifuna kufe kwasani; isimbamgodi sakhona, inja, ikati, igundane, iphela, ngisho nentuthwane imbala. Uzofuna malini?
GOBA: Ungangishaya kuphela ngezinkulungwane eziyikhulu zamarandi.
(Epaki lasedolobheni, uKK ukhuluma noGoba ngomsebenzi awenze kahle wokuqhumisa umuzi kaMartha.)
KK: Ngedlule ngakuleya ndlu namhlanje ekuseni. Cha, ngizibonele ukuthi wenze into yamehlo izolo. Thatha nansi imvilophu enemali yakho.
GOBA: Ngibonga kakhulu mfana wami. Kuhle-ke uma ujabule ngomsebenzi engiwenzile.
KK: Asehlukane manje, ungeke uze wazi mhlawumbe kukhona abasibhekile. Mina sengahlala ngibhekwe amaphoyisa ngaso sonke isikhathi. Uhambe kahle Mnumzane Goba.
(Kuseyikhona epaki lasedolobheni. UKK weneme, udla amathambo engqondo. Kusenjalo kukhale umakhalekhukhwini wakhe.)
MARTHA: (Ekhuluma ocingweni ngaphambi kokuba azibike uKK.) Kunjani weKK?
KK: Ubani lo okhulumayo?
MARTHA: Akusona isipoki lesi okhuluma naso. UMartha nezinqotho zakhe.
KK: (Abheke lapho okuye ngakhona uGoba. Uselibele nokuthi kukhona akhuluma naye ocingweni.) Iphi le nja? Ngizoyibulala nya.
7 - Isigcawu sesikhombisa
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 75-78
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(UMzwakhe uphumelele kahle kumatikuletsheni. Uhlangana noMandla bayaxoxa.)
MZWAKHE: Mehlo madala bhuti. Usaphila?
MANDLA: Hawu! Kunjani Mzwakhe? Usukhule kangaka mfana wami! Umuntu udlala ukushisa kwaKwaZulu. Selokhu ngifikile lihlala likhipha umkhovu etsheni.
MZWAKHE: Ukushisa kwalapha sekwaba amahlalakhona.
MANDLA: Ngilibele ukukhuluma ngokubasela kwelanga ngabe ngikubuza ngezinto ezibalulekile. Njengo…
MZWAKHE: (Emphazamisa ngoba efuna ukwazi kabanzi.) Ngabe ubhuti uqondeni uma ekhuluma ngezinto ezibalulekile?
MANDLA: Mfana wami, ngingakayi ukuyosebenza eGoli ngangikubona ungumfana ohloniphayo nozimisele ukuba utho empilweni. Ngakho-ke bengihlala nginethemba lokuthi ngelinye ilanga uzokwazi ukuvusa umuzi kababa wakho.
MZWAKHE: Ngiyawabonga amazwi akho bhuti Mandla. Ayangigqugquzela ukuba ngibhukule ngibe yindoda enekusasa eliqhakazile.
MANDLA: Kuhle uma usenayo injongo yokuphumelela empilweni. Awusho-ke, usafunda noma usuyasebenza?
MZWAKHE: Ngiqede izifundo zikamatikuletsheni ngonyaka odlule. Ngingasho ngingahlonizi ukuthi ngiphumelele kahle ngoba ezifundweni ezine ngiphumelele ngamalengiso.
MANDLA: Njengoba siya ekupheleni kwenyanga yokuqala onyakeni uzimisele ngokwenzani kulo nyaka?
MZWAKHE: Unzima kabi lo mbuzo wakho. Njengoba nawe usazi isimo sasekhaya ukuthi sidla imbuya ngothi, ayikho imali yokuqhubeka nezifundo zami. Okwamanje nginokubamba itoho lokushayela amatekisi alo bhuti owaziwa ngelikaKK. Ngicabanga ukuthi uyamazi lo muntu engikhuluma ngaye.
MANDLA: (Lehle izwi ngenxa yokudumala.) Hawu mfana wami! Ngiyamazi lo muntu okhuluma ngaye. Seziningi izindaba engizifunde ngaye emaphephandabeni esolwa ngobugebengu obahlukahlukene. Noma-ke engakaze aboshelwe nelilodwa icala kulawa asolwa ukuthi uwenzile, mina ngingakweluleka nje ngokuba wehlukane naye. Futhi udume kabi ngokusebenzisa izingane zesikole ebugebengwini abenzayo.
MZWAKHE: Ngizophila ngani uma ngiyeka ukushayela amatekisi kaKK?
MANDLA: Konje ubufunda ziphi izifundo kumatikuletsheni? Yiziphi lezi othi uphumelele kuzona ngamalengiso?
Mzwakhe Bengisemkhakheni wezohwebo. Engiziphumelele ngamalengiso isiZulu, iMaths, i-Accounting kanye neTechnology.
MANDLA: Ungayeka yini ukusebenzela uKK uma ngingase ngikuzamele itoho? Futhi ungakwazi yini ukusebenza kwesinye isifundazwe njengesaseNtshonalanga Koloni?
MZWAKHE: Ngingaya yinoma kuphi lapho engingathola khona amasentshana angangiphilisa.
MANDLA: Ngizokuzamela kwenye yezinkampani esedolobheni laseKapa esisebenzisana nayo. Bangitshele ukuthi bafuna abantu abazosebenza okwesikhashana ngenkathi kwenziwa ucwaningo lwemakethe egxile kuyona le nkampani. Ngikhuluma ngalokhu abakubiza ngolimi lwesiNgisi ngokuthi imarket research.
MZWAKHE: Ngingakujabulela ukuyosebenza eKapa. Njengoba bengishilo, ngingaya noma yikuphi ukwenza isimo sempilo sibe ngcono.
(UMandla athathe yonke imininingwane yokuxhumana noMzwakhe bese beyahlukana.)
4 - Isigcawu sesine
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 21-22
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Sekuyisikhathi sekhefu, uThemba usethole isikhathi sokuzibika kuZama.)
ZAMA: Themba bandla, ngicela ungixolele ngokukhuluma kabi kwami ngaleliya langa.
THEMBA: Yizinto ezincane lezo Zama. Mhlawumbe wawungakaboni kahle ukuthi ngizimisele kangakanani ngawe.
ZAMA: Ngiyabonga uma ungangibambelanga amagqubu mfowethu.
THEMBA: Manje uthini-ke Zama, uyangifaka noma uyangikhipha?
ZAMA: Musa ukungibuza kanjalo Themba. Angazi ukuthi ngizophendula ngithini. Konje ngiphendule ngithini? Nkosi yami! Angazi ukuthi ngizophendula ngithini. Ulukhuni umbuzo wakho. Uma usho njalo ayikho into engingayisho.
THEMBA: Ngaphandle kokuthini?
ZAMA: Ngaphandle kokuthi ngiyakuzwa konke okushoyo. Themba, kusukela ngalo mzuzu sengingowakho.
THEMBA: Nkosazana emhlophe, angive ngibonga. Awazi ukuthi ngijabula kanjani uma ngikuzwa ukhuluma kanje. Ngicela sihambe siyobona ukuthi singatholani etuckshop.
(Bahambe baye etuckshop.)
5 - Isigcawu sesihlanu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 101-102
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Ntambama emzini kabra KK, usewulandile umshini okhiqiza imali ku-Adolf. UKK ufundisa uSpider ukuwusebenzisa.)
KK: Uyabona-ke Spider, lo mshini usebenza ngokuba ngiqale ngithayiphe ipassword ezoba yimfihlo yami kuphela. Bheka le ukuze ungayiboni. (Athayiphe ipassword uSpider ebheke ngakolunye uhlangothi.) Okulandelayo, wena uzobe usufaka le CD bese kula mafayela emali ukhetha lelo elinamanothi ofuna ukuwakhiqiza. Angithi uyangizwisisa?
SPIDER: Ngizwa kahle bra KK.
KK: Uma usuqedile ukuphrinta amanothi emali oyidingayo uzobe usuwafaka kulo mshini ukuze asikeke bese efana ncamashi nemali yangempela. Emva kwalokho uzoyihlunga ngononina ekhathonini ngalinye, okusho ukuthi oR50 bazoba bodwa, kanjalo oR100 noR200 nabo babe ngabodwana. Siyezwana?
SPIDER: Ngizwa kahle ngingadakiwe bra KK. Awusho-ke, uzongibhekela kanjani kushintshi?
KK: Sayitsheni, uzothola u-3 stina ngesonto. Kulungile?
SPIDER: Qondile, akunajithi.
(Ahambe uSpider emva kokuba sebevumelene noKK.)
3 - Isigcawu sesithathu
- Sikhumbuzo Xaba
-
- Book:
- Iqonde Kuphi le Ndlela?
- Published by:
- University of South Africa
- Published online:
- 11 November 2021
- Print publication:
- 06 June 2012, pp 9-12
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
(Kusesikoleni lapho kufunda khona uMzwakhe noZama. USipho noThemba bakhuluma ngoZama.)
THEMBA: Sayitsheni, kodwa uyayibona le thekeni enguZama ukuthi iwugesi?
SIPHO: Ngiyayibona, ukuthi iyanginyanyisa ngoba ithanda ukuzifonela.
THEMBA: Angazi ukuthi ngingenwe yini mfowethu. UZama ngimthanda ehamba, ehleka ngisho noma ethukuthele imbala. Uyaye umbone uma ethukuthele emva kokuba bemgconile ekilasini? Uvele abe muhle kakhulu kunakuqala. Ngiyakutshela, ayikho intombazane enhle njengaye lapha esikoleni.
SIPHO: Hhayi bo! Ngiyakukhuza mngani wami. Kumele uze lapha esikoleni ngoba uzofunda nje kuphela. Awukho emfuleni lapho uzobona khona izintombi zizokukha amanzi bese uthola ithuba lokweshela. Ubaba wakho angaphatheka kabi uma ezwa ukuthi usuphenduke isoka esikhundleni sokunakana nezincwadi zakho.
THEMBA: Wena usho ngoba ungazi ukuthi kunjani ukuthanda umuntu.
SIPHO: Angithi uyazi ukuthi lo Zama osangana ngaye kangaka usha amashushu ngoMzwakhe? Sengathi sengiyabona usuxhifizwa nguMzwakhe.
THEMBA: Ubani, mina ngishaywe nguMzwakhe? Ungabona amehlo esibungu. UZama yena, uyangisanganisa. Lokhu okunguMzwakhe ngeke kwenze lutho ngalokho. Sengicabange kahle, ngizokhuluma naye uZama kusasa.
SIPHO: (Embhuqa.) Nginecebo lapha Mthimbane. Kuzodingeka ukuba uqale kuMzwakhe, umcele ukuba akusize ngamazwi ozokwehlula ngawo uZama.
THEMBA: Qhubeka nje wena nokungithatha kancane. UZama yena uzongiqoma, ethanda engathandi.
(Aqhamuke uMzwakhe ezihambela kancane, kubonakala ukuthi udla amathambo engqondo.) SIPHO: Eyi, kunjani Mzwakhe? Wahamba sengathi kukhona okukudlayo nje. Ukhumbule ukuthi okwehlula amadoda kuyabikwa.
MZWAKHE: Hheyi nina hlukanani nami. Khona nginezinkinga ngingabikela nina lezi zidididi. (Aqhubeke ehamba ecabanga aze aphimisele.) Indaba kabra KK sengifuna ukuyehla manje. Yithina esenza ubugebengu. Yena uvela ngoba esezothola imali eningi ebe engenzanga lutho, kade ehleli dekle! Inkinga nje ukuthi uma ngiyeka ukumsebenzela sizophila ngani ekhaya? UThandi yena uzofundiswa ngubani? NoZama futhi angagcina eseqome omunye umuntu uma sengihlala ngingenayo imali yokumjabulisa. Ngiyazikhohlisa, ngeke ngize ngikwazi ukuhlukana nobra KK.
(Abuyele ekilasini emva kokukhala kwensimbi yokuphetha isikhathi sekhefu.)