3 - Isigcawu sesithathu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kusendleleni eqonde emakhaya emva kokuphuma kwesikole. UZama uxoxa noMzwakhe.)
ZAMA: Nakhu okunguThemba kungisanganela bo!
MZWAKHE: Usenzeni uThemba manje?
ZAMA: Umhlola omkhulu, uThemba phela uyangeshela. Manje angazi noma akazi yini ukuthi mina ngizijolela nawe. Uma azi kusobala ukuthi ukubukela phansi.
MZWAKHE: UThemba ubomxolela bandla. Akazi lutho, isinothongwana sabantu! Uhlonyekiswa yilo mngani wakhe onguSipho.
ZAMA: Washo sengathi ubukhona. Nguye kanye uSipho wansondo lo obeyiposi lakhe.
MZWAKHE: Lowo ngizomfundisa idolobha. Ngiyabona ucabanga ukuthi kuluswa izinkomo lapha. Uyazi yini ukuthi uThemba uzalwa yinyanga?
ZAMA: Lokho kusho ukuthi mina ngizophela ukuhayiza.Phela ngenkathi uThemba ekhuluma nami bekungathi kukhona akumumethe emlonyeni.
MZWAKHE: Ngicabanga ukuthi umuthi awunikwe nguyise ukuthi awufake emlonyeni ngenkathi ekweshela khona uzovuma. Lalela-ke, uma ephinda ezama ukweshela kumele uvume kube sengathi usumqome okwangempela.
ZAMA: Angizwisisi kahle. Ngikwenzeleni lokho?
MZWAKHE: Ukuze sidlale ngaye, simenze isilima. Uzocabanga ukuthi umuthi kayise uyasebenza kanti do!
ZAMA: Kukhona lapho engidideka khona Mzwakhe wami. Kuyoze kube nini ngidlala ngaye? Wena uzobe ukuphi ngaleso sikhathi?
MZWAKHE: Thina sizoqhubeka sibonane engoje. Angithi uyabona?
ZAMA: Noma ngingabonisisi ukuthi lo mdlalo wakho uzophelela kuphi, kodwa ngizowudlala nje okwamanje.
(Bavalelisane. Kwehlukane izindlela omunye nomunye eseqonde ekhaya.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 19 - 20Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012