Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-848d4c4894-x24gv Total loading time: 0 Render date: 2024-05-16T15:45:13.634Z Has data issue: false hasContentIssue false

9 - Isigcawu sesishiyagalolunye

Published online by Cambridge University Press:  11 November 2021

Get access

Summary

(UMzwakhe noZama basesikoleni, ngesikhathi sekhefu bathola ithuba lokuxoxa.)

MZWAKHE: Ngibona sengathi lesi sidunyelwa esinguThemba asikho esikoleni namhlanje.

ZAMA: Uqinisile. Akekho namhlanje lowo muntu. Izolo ungitshele ukuthi uzobe engekho namhlanje ngenxa yokuthi kukhona lapho uyise ezobe emthume khona.

MZWAKHE: Wenze kahle wangabibikho ukuze nami ngithole ithuba lokuxoxa nawe. Uyazi, kukhona indaba ebengithanda ukukuxoxela yona.

ZAMA: Kanti-ke nami kukhona into engifuna ukuthi sixoxe ngakho.

MZWAKHE: Kulungile, ungaqala. Ladies first. Khuluma, ngilalele.

ZAMA: Ubuwazi ukuthi ubaba uCele ungumthakathi?

MZWAKHE: Noma ngingakaze ngizwe ukuthi ukhona umuntu oseke wathakathwa nguyena, kodwa ngiyazi ukuthi kunezinyanga-mbumbulu ezikhohlisa abantu ngokuthi ziyakwazi ukwelapha zibe zingabathakathi. Ngabe ubaba uCele ungenye yalolo hlobo lwezinyanga?

ZAMA: Kanti uyazi ukuthi kukhona abathakathi abacasha ngokuthi bayizinyanga? Pho yini indaba ungihlanganise nengane yomuntu onjalo? Ufuna ukuthi ngibulawe khona ngizoba umkhovu wakwaCele?

MZWAKHE: Bengithi saxoxa nawe ukuthi uThemba angeke umqome okwangempela, kodwa uzokwenza kube ngathi umqomile kanti sidlala ngaye, simenza isilima.

ZAMA: (Ehleka.) Phela umuntu omdala ucabanga ukuthi kukhona okunuka santungwantungwana phakathi kwami noThemba. Ekugcineni, ube esengeluleka ngokuthi mangihlukane noThemba.

MZWAKHE: (Ekhombisa ukucasuka.) Aze athi hlukana naye nje wena ubumtshele ukuthi niyathandana yini noThemba? Uyaze kanjani indaba yakho noThemba?

ZAMA: Uthi kunabantu abamlume indlebe ngokuthi isikhathi esiningi ngihambisana noThemba. Naye uthi uke wasibona. Phela isilima lesi sithanda ukungiphelezela size siyongibeka esangweni lasekhaya. Sinjalo nje sithanda nokungiphathaphatha.

MZWAKHE: (Ecasukile.) Uyasangana yini uThemba? Ukuphelezela aze ayokubeka esangweni lakini, aphinde akuphathaphathe!

ZAMA: Yini sengathi induku ishaya umviki manje? Ungaba kanjani nesikhwele ngento eyasungulwa nguwena?

MZWAKHE: Yona iyangicasula ngempela. Inhliziyo yami igaya izibozi uma ngicabanga ngoThemba nalo Sipho wakhe. UThemba yena ngingambulala nokumbulala uma ngingathola ithuba.

ZAMA: Ungenza ngibe nengebhe uma ukhuluma kanjalo. Akekho umuntu okufanele abulawe noma ngabe wenze liphi iphutha.

MZWAKHE: Ngicela ukuba siyiyeke le ndaba, iyangihlanyisa.

ZAMA: Konje wena ubufuna ukungixoxela yiphi indaba? Kungakuhle uma ungangitshela ezimnandi. Sikhohlwe nguThemba nezakhe.

MZWAKHE: Ubra KK ubengixoxela ngendawo yokuvakasha yaseBotswana okuthiwa iyisimangaliso. Ungitshele ukuthi le ndawo inayo yonke inhlobo yobukhazikhazi basemhlabeni ongase ububone ngamehlo engqondo.

ZAMA: (Elangazelela ukuzwa kabanzi, uhlahla amehlo kuhle kwenkomo izohlatshwa.) Awuze nazo Mzwakhe mina ngize nendlebe.

MZWAKHE: Ngaphandle nje kokuba yindawo yokungcebeleka, uthi kule ndawo uthola yonke into oyidingayo uma nje inkece ithi baba lapha kuwe. Kukhona nezindawo zokugcinwa

kwemvelo lapho ungabona khona nezilwane zasendle ezinjengamabhubesi nezindlovu. Izivakashi zikwazi ukuchitha amaholide azo ezindaweni ezingazithokozisa kuzo ngobuhle bemvelo ezibizwa ngamagame lodge.

ZAMA: Sengiyezwa manje ukuthi uthini. Mhlawumbe le ndawo ngingayifanisa namadolobhakazi anjengeTheku neGoli lapho ocishe uneliseke ngazo zonke izidingo zakho, inqobo nje uma ungakhali ungashayiwe.

MZWAKHE: Nje-ke. Ngiyafisa nami sithandwa sami ukuba sivakashele izwe laseBotswana. Ungakwazi ukucela imvume kumama wakho ukuze sivakashele khona?

ZAMA: Ngingazama Mzwakhe wami. Kumanje nje ngizibona sengikhona, sengibingelela ngeSetswana. Konje kuthiwani?

MZWAKHE: Konje ubra KK wathi kuthiwani? Hho, ngakhumbula. Kuthiwa ‘Dumelang, le kae?’ Okusho ukuthi ‘Sanibonani, ninjani?’

ZAMA: (Ethathekile.) Wadla Mzwakhe! Sewakwazi ukukhuluma nangeSetswana. Ave kubalulekile ukwazi kabanzi ngolimi, amasiko kanye namagugu ezinye izizwe. Lokho kukwenza ukuba uhloniphe wonke umuntu, ungacwasi ngokobuhlanga noma ngokwebala.

MZWAKHE: Nami ngazi lokho kuphela. Wena ukuthathaphi lokho okushoyo?

ZAMA: Yinto ehlale ishunyayezwa esifundweni samasiko nobuciko, i-Arts and Culture, kanye nakulesi

esifundisa ngamakhono empilo, iLife Orientation. (Emgcona.) Kanti wena ufundani esikoleni?

MZWAKHE: (Ehleka.) Ngiyadlala sithandwa sami. Uhulumeni wasiza ngokufaka lezi zifundo kukharikhulamu. Kuningi kabi umuntu asekufundile. (Aguqule ingxoxo.) Hhayi bo! Kumele uqinisekise ukuthi uhambo esiluhlongozayo luba yimpumelelo.

ZAMA: Ungabe usapholisa maseko. Wena vele ubhukhe, ushiye konke kimi. Umama ngizovele ngimshayashaye.

MZWAKHE: Yasho ngachazeka inapa yami madoda! Kumanje nje ngifisa ngabe umthwalo ususobhokweni.

ZAMA: Usalindeni nje ngempela? (Bayokhe insini.)

(Bahlukane, babuyele emakilasini sekuphele isikhathi sekhefu.)

Type
Chapter
Information
Publisher: University of South Africa
Print publication year: 2012

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×