766 results in Creative Writing
17 - Phezu kwethuna likaShaka
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 77-86
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Ngiphe umlomo nephimbo
Elimemeza kugcwale,
Kudume zonk’ izikhotha,
Kuzwe nalow’ obengezwa,
Ngob’ ikhon’ indab’ enkulu,
Bayibikile bayisho.
Sabe siyathe silapha
Silinga ukuyiziba,
Bayibebisa emhlane,
Nomhlaba waze wayizwa.
Woza nosapho lwakho Zulu,
Lusib’ olusenkundlen’ oSuthu -
Ukhombise umhlaba wonke,
Nkayishan’ enkulu kaMenzi -
Udumo lwawoyihlomkhulu
Olusele kubaQulusi.
Sifuna zona lezo nsizwa,
Sifuna zona lezo ntombi,
Sifuna lona lelo khehla,
Sifuna yena lowo mame.
Shayani izinsimbi nina
Zikhumukani zakwaZulu,
Kusukela ngakwaDukuza
Kuye kushaya phans’ oThukela.
Bikelan’ amandl’ amhlophe
Ngentokozo ekini namhla.
Nant’ izwe selibuyelana,
Selizibonel’ imiloyo
Ayikhuluma mhla esefa
Osixhokolo siseNkandla,
Bangamtshela nazibuko,
Bamweza ngelicong’ amathe
Ngoba beth’ uyisishaka.
Bamtekulela abafazi
Bombango wakwaNyuswa bethi:
“Inkom’ esengwa kwaMavela –
Ingawuqeda ngandlelani
Owenhlakuva yamanxiwa,
Lokh’ uSihayo wahluleka,
Ovunulel’ ezimfundeni
Zasala zaba amahlungu,
Ingani ngezamanzi?
Pho thina soshonaphi na?
Sobuya sikhosele kuye,
Singafuni kukhonza kodwa,
Kodwa sifuna ubuZulu
Bona bumi ngeshashalazi
Lezizwe zonke zeNyakatho.”
Wakhotha nabakwaMthethwa,
Wabemuka nehubo labo
Ngoba lingabafanelile
Nxa bethi: “Zinomland’ omkhulu
Lezo zinkomo, zifuzise
UShayandlondlo kaMjokwane.”
Akubona labo kuphela –
Wakhothuluz’ abasokoco
Baphansi nangaphezulu,
Wathungathisa okwenqina
Eyabhul’ eMabedlana,
Kwakhal’ amawa nezintaba,
Kwachwakazela wonk’ umsindo,
Namankankan’ abang’ umsindo
Athontel’ emigodini.
Nathi besingakazalwa,
Sisazizulel’ emoyeni,
Kodwa indaba yakho sezwa,
Kodwa sabaleka njalo,
Salindela lezi zikhathi
Zokubhekana kwezwe lonke.
Omnyama ubheke omhlophe,
NeKula lizishis’ eziko
Lilwela amalungelo.
Pho, thina siyakwazi yini
Ukuzingena ezombango?
Kwanga sazalwa kanye nawe!
Igama lakho liyohlala
Libusa njal’ enhliziyweni
Yesizukulwane sonke
Esesizelwe nesingekho.
Zining’ izinto ezidonsa
Zikhumbuza wena njalo.
Ma sivakasha kwaZulu
Sibon’ okuhl’ okuningi:
Laph’ amathol’ ezikhalela
Nonina beza bekhalima
Nemin’ isingugalanga;
Laph’ abafazi bez’ ekhaya
Bethwel’ izinyanda zenkuni,
Nabadlezana bephuthuma
Ukuzincelisel’ ekhaya;
Nakho phansi kweMfolozi
Izinsizwa naw’ amakhehla
Eyigonil’ intomb’ endala
Empondonde zingangawo
Phel’ amagudu ezinyathi
ZaseMbozamo neNonoti
Emahlathini oThukela.
Bayawabonga bewalumba
Ngensangu etshalelwa wena
Emadotsheni ezimfunda
Zomuz’ omkhulu uDukuza.
Zigawuliwe lezo hlahla
Kwamiswa itshe lakoShaka,
Wena Ntab’ ehlal’ ingonyama
Yesab’ izulu ukuduma.
Incwincw’ ephuza kwezind’ iziziba,
Ingaphuza kwezifushane
Amadidiba nal’ udaka
Fun’ ayinind’ iziphuka,
Anqinde nezimpiko zayo.
Lapha ngibheka lawa matshe
Angomabula abamhlophe,
Ngiwafanisa njengehawu,
Ngiwafanise njengengubo
Emboze amathamb’ amhlophe
Aseyilona lifa lethu
Owalisicilela phezu
Kwaw’ amakhand’ akwaZulu;
Yilona leli hawu lakho
Owawuhubhazela ngalo.
Okhokho nawobabamkhulu
La impi bengayiboni,
Beq’ izihlahla namahlathi
Besubatha ngamajubane,
Baphang’ ukuyogwaz’ ulwandle,
Bajabule ma belufica
Ludlondlobele, lugunyile.
Frontmatter
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp i-iv
-
- Chapter
- Export citation
5 - Inqomfi
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 19-24
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
E! Sesizwil’ imiloz’ emnandi,
phezu kwalokho
Esingakayizwa injengompe luconsela
Phezu kway’ indimi. Tshiloza
nyoni yamahlungu!
Noma engekho okubonayo ngimi njengesela
Ngibek’ indlebe kuwo wonk’
umlozi wezinhlungu
Ezizwiw’ umoya nomphefu-
mulo wedwa wakho.
Tshiloza uzixinge njalo nyoni yesikhotha!
Dweb’ umoya lowo uwudamuz’ okwamanzi,
Weluk’ intambo ende uyobona amakhosi –
Iyilokh’ isuke phansi, ngaphandle ingaminzi
Odlebeni lwabaqaphele ngob’ uyiposi
Elizula, lizule, libuyele kuz’ izikhotha.
Wen’ ozalel’ amaqand’ ambal’ ohungqu,
Uwathukuse ngaphansi kwezidindi
La kungekho khona xamu nom’ imamba;
Ucule ngaphezul’ uwamis’ isibindi,
Ushikiz’ oNhloyiye bangawenz’ igungqu
Laph’ usayobamb’ oNon-
teth’ uqed’ ukulamba.
Usho ukuthini lowo mbala ongasuki?
Ngisho lelo chaphaz’ elibomvu engileni!
Ubani okucibe ngemicibishol’ emibi,
Ley’ eyabonwa kubaThwa behlel’ edwaleni?
Yiy’ inyongo yakho yokukhomb’ amalangabi
Angahwamula lab’ abangakholwa umluleki.
Ma uthi ntenene phambi kwalowo oyindlela,
Bathi abadala izindaba zimi kahle.
Yeka kulowo enilandelene kuye nidweba,
Niqhekeze amaphiko nenz’ umlozi kuhle
Kwezinsingizi lizophendula. Lubi lolo daba.
Uyabhulela nyoni ndini, yeb’ uyabhulela!
Ukuba nguwe ngingefise. Bhek’
okweth’ ukwenza!
Njengonogwaj’ olal’ ebhek’ ingozi, sisebenza
Siqongelela njalo ngekusasa funa ngabe
Ukufa ubuthongo ngokuzuma, ungenqabe,
Ufunyaniswe ungembethe. Thina sintu silwa
Impi yomphefumulo engapheli noma ulwa.
Suk’ uphele phambi kwami
Funa ngimpampe nami nawe
Ngizwa nant’ udlingozana.
Noma ngimi kude nawe
Kukhona njalo umoyana
Wen’ olokh’ unawo kimi.
Yiwo lowo moy’ ohlupha
Amagumbandlel’ omhlaba,
Uwafumanise njalo
Emi ephelelw’ indaba,
Kant’ afun’ amalungelo
Wena ungenakuwapha.
Nant’ ilanga selishona.
Nawe shona njengomlozi,
Udedel’ abazingeli
Bon’ abangasab’ ingozi,
Nabuthongo bengozeli;
Ngisho impi kaSiyana.
Beka phansi isigwingci!
Nant’ uphondo lomzingeli
Lukhalel’ abanjengawe.
Ungakhohlw’ abazingeli
Bon’ abangeluthwe uwe
Bengenzis’ okwabakhwingci.
Akumful’ ongahlokomi,
Akundlel’ ingayi khaya.
Nami ngifundise leyo
Nhlokomo yokuy’ ekhaya,
Ngazi nami wen’ okwaziyo,
Ngingaphez’ ukuba umhlokomi.
Njengoba ngibek’ indlebe nawo
wonk’ umhlaba,
Nolwandl’ olugubhayo, namaza,
naw’ umoya –
Sekuthe khemelele nakho kubek’ indlebe,
Kudingiswa ongandile umlozi lowaya.
Nom’ inyang’ inganethisa umhlaba kube
Izintingo zayo qwi, wen’ uyibek’ inxeba.
Akekh’ owaz’ ukuth’ uyinyonini, noma nje
Ongase aqhamuk’ akufanise nalutho nje.
Ngikufanisa njengoShuphe noPhinsuthi,
Ngikufanisa noCaluza noCele ngithi:
Wena wedwa bangekwed-
lule. Bonke laba funa
Bakhwel’ imiqangal’ ukwahlula bekufuna.
Unjengentomb’ engenasoka elel’ igquma
Ith’ ithulis’ unembeza lapho iziguma
Ngomcabang’ ongumzwangedwa
ngoba iseyodwa.
Ukuntela nokuklolodela ngeke kodwa
Kuyinik’ ukujabula. Ngabe nemicabango
Yakho nayo iyefana, wen’ ongazi mbango?
Umlozi wakh’ udlul’ abango-
mel’ intomb’ empofu
Elandelw’ ifunw’ abacebile nabampofu.
17 - UMamina
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 55-64
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Woza Mamina,
Woza selul’ izinyawo siye laphaya,
Laphaya la kulihlane khona,
Lapho kuvuk’ imithombo yamanzi
Ematisa amadwal’ aluhlaza
Abushelezi ngenxa yesilele.
Musa Mamina,
Phuma sengathi uyokh’ amanzi,
Uthwal’ igobongo wehlis’ umfula.
Uyofika sengiphansi kwezidoni,
Zithelile sezithe yeyeye,
Zimnyama zijuz’ umpe.
Woza Mamina,
Uth’ uwedwa ub’ umpilimpili.
Ezakh’ izindlela zinakaziwe,
Zihlunyelwa yizimbali
Oqhamuka zikhothame ziwe,
Zigebis’ amakhand’ enhlabathini.
Ngime Mamina,
Ngibuk’ utshan’ eceleni?
Ngibuzwa bunkwela, kukhal’ udwani,
Lukubingelela mntanenkosi,
Nemvunge ngizw’ iwakazela nakude
Ngezibonakaliso nemibal’ eminingi.
Woza Mamina,
Uyinkosikazi yenhliziyo yami wedwa,
Uwedwa ekujuleni komphefumulo
Wam’ okungaziwa; unjengobhaqa
Olukhanya luxosh’ umnyam’ exhibeni;
Uwedwa njengomkhumb’ untwel’ olwandle.
Uphi Mamina?
Ngiyakucinga ngikuphuthaza,
Izandla zami zibamb’ umoya nobala.
Unjengesiboshwa, ukinatelw’ enhliziyweni
Yomphefumulo wam’ ongathi nyiki.
Unyakaza ngikuzwe, uphefumule ngizwe.
Woza Mamina,
Ngiyawubon’ umzimba wakh’ usuluza
Njengohlanga ludlaliswa amanzi,
Nekhand’ elincane elintamo
Njengembumbulu yemamba yehlathi
Ihub’ emagatshen’ ingabonwa.
Yebo, Mamina,
Laph’ unyathela ngikubuka
Ungikhumbuza phansi kwaNongoma
Laph’ izintombi zingazalwa,
Ziqhibuka phansi njengamakhowe.
Mamina Mamina,
Usuzinikela kimina ngempela.
Lokhu kuzinikela kwakho kimi yimfihlo,
Kwaziwa nguwe nami, ngikufanisa
Nobuhle bemiqumb’ eqhuma
Kusihlwa yangiwe ngamathons’ amazolo.
Qhabo Mamina,
Akumazolo nabusuku bodwa.
NoNomkhubulwan’ ukuzwile
Ngephunga lamakh’ elikulandelayo,
Wakwengula ngesiphuku sakhe,
Wakulandela wakulondela mina.
Woza Mamina,
Wangibuka ntomb’ enzimakazi
Ngajiyelw’ ukuba ngiyoshonaphi,
Kwaxeg’ amadolo zaw’ izikhali,
Ngangenwa ngumunyu okwesilokazana
Abasifihl’ enhliziyweni bath’ uthando.
Hhiya Mamina,
Ngizozula ngibuye ngithini
Ngoba ngivukwa yikhamb’ okohlanya?
Ngihlanya ngihamba ngingenabhungane,
Ngihawula ihungulo lamangwe,
Ngidakwa yimunyamunyan’ okwenyoni.
Manje ngishay’ inkondlo,
Ngiyayilandelisa nomoya,
Ngiyifafaz’ igcwal’ ingime,
Yengam’ ilanga liphuma,
Izinze njengamathunz’ ehlathi
Aguquka eshalazel’ ilanga,
Liwacinge lize liyoshona.
Mamo! Nami ngiyakucinga, Mamina,
Ucash’ esikhotheni somlalane;
Umlalane ngumphefumulo wami;
Kant’ uyazizulela phakathi
Ucosh’ umsobo nembuya nowowoza.
Akunkondlo yamahawu namawisa;
Ngithi ngivumel’ igekle lakho
Engilizwe likhala kwelikaShaka,
Ngezwa ngalalela ngasengazi,
Ngabon’ izindebe zakh’ ezimnyama
Zilimumeth’ igekle likhala,
Lingikhumbuz’ ombalane behlathi.
Kwanga ngabe lidlalwa yinhliziyo
Yon’ equketh’ imicabango nozwelo.
Usungenze ngabangaka ngothando,
Kwabangath’ angiyen’ okaZulu
Phakathi kwenkatha kaSobantu.
Unginik’ umgqik’ ebandla,
Ngazibuka ngiphakathi kwezimbongi,
Izinxeleha zingengelez’ ekhanda,
Naphakathi kwamasok’ angenakufa
Ezizukulwaneni zezizukulwane.
Ungenza ngilunywe ngamatekenya,
Ngibhedle njalo ngingahlali ngithule.
Ngivumele ngang’ imiyeko
Engiyibon’ idilik’ ekhanda lakho,
Ekufihl’ ubuso ngingabuboni,
Kuphela ngibone kukhanya izimbulunga
Zamehl’ omthakathi kaNtandose.
Ungibuke ngakhophoza ngayintshalantshala,
Kwaphenduka min’ intombi
kanti ngiyinsizwa,
Ngayomem’ impi kaSonkomose,
Yangihlomis’ ihawu neziqhova zentshe,
Ngeza sengisephuzela ngagadla.
Ngikutshath’ emhlane wezimbabala,
Ngikukhethel’ ezizibhelumhlophe,
Ngath’ emnqoka ngabek’ unkonka.
Ngikuhlalisil’ esihlibhini sengca,
Ngaseluka ngomhlanga uphicwe nembubu,
Ngakushiya nokhamba luqhilik’ amasi,
Ngagqizis’ izinyawo zakho ngovovo.
12 - Nayaphi?
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 25-28
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Bangikhohlisile Mandlakhe,
Bathi mangihlale ngilinde.
Wena kaMakhwatha awuzange
Ubophe uhambe. Wasuka nje
Wanyamalala washiya konke,
Wavakasha noNomasomi.
Ngingen’ endlini yakh’ ekhaya,
Bathi kad’ ulapha khona manje.
Ngay’ eMgungundlovu,
Izindlu ngazifica zibomvu.
Kwathul’ abantu kwakhuluma
Zona zathi: “Nangu nanguya!”
Ngashona lapha nalaphaya.
Ngathi ngiyokubona khathisimbe
Ulibel’ esikolen’ usebenza.
Kant’ ufun’ uNomasomi.
Ngingen’ endlini yesikole
Izingane zathi: “Nang’ uThisha!”
Kanti zisho ukufana.
Ngaqalaza macala wonke
Ngithi ngizokubona, Mandlakhe.
Ngabuza ezinyangeni,
Zaphenduka zabhekana,
Zangithela ngezinyembezi
Sezililel’ uNomasomi.
Ngiphume phandle ngayofuna,
Ngifun’ imigwaqo yomuzi,
Ngipheny’ uMgungundlovu,
Izicaba nezibuko zawo;
Ngisho neTheku phansi
Emanzini aluhlaza
Lapho wazalwa khona.
Ngifune imini yaze
Yahwaqabala ubusuku.
Kant’ uzothath’ uNomasomi.
Ngihlale phansi kwemithungulu
Eluhlaz’ ecash’ izimamba
Ezidl’ abantu nezinyoni.
Ngiphons’ amehlo phakathi
Olwandl’ olumagagasi,
Ngawabon’ ejubelana.
Ngagqolozela phakathi,
Ngabona kude nibabili.
Kanti ninoNomasomi.
Ngangithi ngiyothi ngibona
Wena ubuthi qhamu.
Inyanga iphume ngiyibona,
Ngahlunga ngamehlo ngiyibuza.
Yathi ayizange inibone.
Ngakhwic’ imikhono ngabuya.
Nenkosikaz’ ethwel’ izinkuni
Phakath’ endilingeni yenyanga,
Ngayiqhweba ngayibuza.
Yangifulathela othulini lonyezi,
Yabhekuza yaya phambili njalo.
Ngathula ngagebis’ ikhanda.
Bonke bayangikhohlisa.
Nawe uqobo uyangikhohlisa.
Uyangizuma ngilele,
Ungivakashele kwaButhongo,
Umlethe uNomasomi,
Ngoba waz’ ukuthi lapha
Nginjengesiboshwa nesilima.
Uyabuya laph’ udlala nami.
Ngithi ngiyavuka gubhubhu,
Ngibamb’ umoya oqandayo,
Amehlo ami abamb’ ufasimbe.
Uyangikhohlisa Mandlakhe.
Kodwa waphuma wayaphi?
Sengiqothuk’ izinyawo
Ngiqabathek’ endleleni,
Ngihambe nginifuna.
Kodwa naya ngaphi?
Pho, manje wamthathelani,
Wamebelani uNomasomi?
Frontmatter
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp i-iv
-
- Chapter
- Export citation
4 - OKomhlaba Kuyadlula
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 7-8
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Shay’ ingoma we Mamlambo!
Shay’ ingoma yemilambo
Emnandi kodw’ ingakulethi
Ukuthokoza kwemizimba!
Kuphel’ igcwalis’ izinkamba
Zamehl’ abukayo, nendlebe
Ethul’ ilalele ngomunyu.
Huba we Nomkhubulwane,
Hub’ ingoma yezilwane!
Inyon’ eyodw’ ikhala endle,
Ihlwelw’ ifikelwe ngumnyama,
Ishay’ ubala ngezimpiko,
Ingazi laph’ iqonde khona.
Unjal’ umphefumulo wami.
Shay’ ihlombe we Ncazane
Likhaliphe ngenhlokazane!
Ngoba nezandla ziyathamba,
Zithi ziyaphakama ziwe
Laph’ uNokuf’ esefikile,
Exegisa yonk’ imithambo,
Nehlombe licim’ okomlilo.
Giya nawe Ntonjambili
Naphakathi kwamabili!
Ngoba nesikhova somnyama
Sinjengedlozi lakwaMhlaba,
Sibik’ ingoz’ iseza kude,
Sibik’ uthand’ oluvuthayo,
Lungaze luficwe ngukoma.
Nami ngisin’ okwengwazi
Kusin’ amakhwazikhwazi.
Nginogqozi lugidizela
Njengezinyawo zamabutho
Edlul’ egibel’ injomane,
Izigi zilokhu ziyile,
Zicisha ziyoshabalala.
Yin’ impilo yomuntu, we Muntu?
Ayinjengamahlamv’ emith’ eluhlaza?
Njengephupho olizw’ ulele, ulalele,
Kodw’ uvuke selishabalele njengomoya,
Kodwa kusale unandi lokuphupha,
Nenkumbulo yobuthongo bukuzume phansi,
Nokuvakashel’ ezweni lamathongo, phansi
kwaButhongo.
Okuphakathi
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp v-vi
-
- Chapter
- Export citation
6 - Impophoma yeVictoria
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 25-28
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Gobhoza kuze kube nini manzi
Agubha ngempophoma nokwesaba,
Nobuhle! Yebo, ungaphazanyiswa
Gobhoza nokujul’ ogcobe isimongo
Sekhanda lakho ngomudwa wothingo
Lwenkosikazi, nenkung’ engapheli
Egubuzele izinyawo zakho.
Ukuphe nezwi lokuqhaqhabuka,
Namandl’ okukhuluma naye yedwa,
Laph’ uthulis’ imilomo yesintu
Ngaphezu kwedwala laseSibungu.
Mamo! Uban’ ongas’ asukumele
Phezul’ answininize njengentethe
Yomhlabathi weshongololo ngoba
Ethemb’ impikisano nawe Dumase?
Esuswa nhlungu zini naluthando
Lwakuxobisa ngamsindo muni?
Nolwandle luhoxekela emuva
Lusinel’ emuva njengezomgqizo
Kunoba lwelanyathiselwe nawe;
Nkathimbe luyalala luthi daxa
Njengomunt’ osedakwe wacobeka
Yilanga nawumsebenzi onzima.
Kunjal’ ulwandle luyazikhathaza,
Ludunduzel’ amagagas’ emzansi,
Luwaqoqel’ umhlambikazaluse,
Asin’ imini nobusuk’ engemi.
Ngeliny’ ilang’ abuy’ adambe phansi,
Acweng’ ubuhle besibhakabhaka.
Kwenziwa yini wena ungaphozi,
Ungagugeli phansi ugobhoza
Udwengula impophoma kaVictoria,
Ngeliny’ ilang’ ungadambeli phansi
Kodw’ ugobhoz’ imini nobusuku?
Yeka lokhu kukhuthala okungaka!
Kaning’ ikhwezi likaMhlayonke
Selokhu lavul’ amehlo phezulu,
Lakuzwa ububula njengempisi.
Nezinkanyezi zesibhakabhaka
Ezikhanyise zilind’ imini
Yomyalo wengelosi laph’ umhlaba
Uyakudazuluk’ uncibilike,
Uvulekele phezu kukaThixo,
Namehlo akh’ ahlaba njengomkhonto –
Zibek’ indlebe phezu kwezwi lakho
Dumase, ngathi zithi: “Hamba njalo
Wen’ ovalelis’ ungavalelisi.”
Ihlamvu lonk’ eliphukazelela
Lengamel’ iziziba zakho zonke,
Lidonsa lonk’ uhlaza lwemithambo
Esegazini lal’ eziphethwini
Zemijobulukana yamandambi
Apheshethwa ngumoya wenyakatho.
Bheka-ke, naz’ izinyoni zindizela
Zizimis’ isibindi zisondela
Eduze, zibhukudis’ izimpaphe
Phakathi kofasimbe nay’ inkungu
Oyiphefumulela ngaphezulu!
Kazinayo nangebhe yalo msindo.
Kuyinjabulo ngisho ukuthinta
Umphetho weminyibe yesibhamba
Esingamful’ imichilo yemvul’ eyehlayo
Ixoshan’ ishayek’ edwaleni,
Kuqhume imiqhele yamagwebu,
Kudamuzeke nentuthu yamanzi
Eyona ifïhla imingcwi yamaza,
Iveza nothingo lwenkosikazi
Oluyinhlobisalanga emini.
Iyona le eyakh’ umthal’ ebusuku,
Iwufafaza ngezinkwenkwezana.
Min’ engingenal’ izwi njengelakho
Elokhu limi njalo limpompoza,
Kunjengomfanekiso wesilima
Uma ngiling’ ukuchaza phansi
Ngalolu sib’ olugcobhoz’ uyinki
Isimo sobukhosi nesobuhle –
Ngenzela nokuvus’ uthando kubo
Abangazange bakubone ngeso.
Uphumuz’ imiphefumul’ ehlwelwe,
Eyimihambima ingenendawo
Yokubeka nohlangothi ngenkathi
Ilizw’ elakho izwi ikubheka.
Amehlo abo agcwal’ intokozo,
Bahlale phansi bazicobelele
Insangu, bashay’ amadosh’ ogwayi,
Babheme bakubuke baze bome
Bamel’ ubuthongo bazilalele.
Umsindo wakh’ unjengoju lwenyosi,
Unjengesandla somzanyan’ ekhanda,
Selul’ iminwe sithungath’ unwele
Silulalisa, siluvusa phansi.
Nemihambim’ ithol’ isiphephelo
Ngasezimpikweni zamanz’ amhlophe
Adilika empophomeni yakho.
Dilika njal’ uzubikele bonke
Abenzalo ye-Afrik’ abezayo!
20 - Sengiyakholwa
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 81-83
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Sengiyakholwa ukuthi sewafa,
Ngoba noma ilanga liwukhanyis’ umhlaba
Ngibon’ ekusen’ izilwane ziklaba,
Ziziphunga ngamashob’ anenhlali,
Emhloph’ okwezinkomazi zakith’ eMhlali,
Nokho sengike ngabona kuhlw’ emini.
Sengiyakholwa ukuthi sewafa,
Kwangihlwel’ emini ngoMandlakayise.
Ngabe ngiyathe ngincenga bangiyise,
Bangithela ngamanz’ ezinyembezi,
Ngambon’ elele bengakamembesi.
Ngalibon’ iphupho liz’ emini.
NangoNomasomi kwabanjalo.
Izinkanyezi zamehlo zacimeza,
Wabanda wehlulw’ ukuzifudumeza.
Mina ngema ngaqhaqhazela izingalo
Ngilunguz’ ubuso bakhe buhwelela,
Nobuhle benqaba bangifiphalela.
Ngingekholwe kanjan’ ukuthi sewafa
Um’ umgwaqo wakho uvulekile,
Ngibon’ iminyaka yonk’ ubhudulekile?
Wema kungathi wahamba umnyang’ uvuliwe
Khon’ abanye beyophuma seng-
athi badiniwe,
Kanti sebelandela wena bangabuyi.
Ababuyi, wena weqhawe laseMzwangedwa.
Bavalelisa ngime bangishiye ngedwa.
Abanye ngibabeke kwaGulukudela,
Lapho umnyama uthule ubagubudela;
Abanye ngibatshala eMhlathuzane,
Lapho befukanyelw’ izikhukhukazana,
Ngoba ngizw’ insimbi yengelos’ incencetha,
Ibavus’ ekuseni beyokhuleka baqenqetha.
Ngibabon’ ilanga ezansi libomvu,
Ngababona lisemagqumen’ ezibomvu.
Izibomvu ezansi noMhlathuzane
Ngizibonile zikhanya ziphikisana.
Ngalalela phansi komthomb’ omkhulu
Lapho kulel’ uFrans’ ubabamkhulu,
Ngezw’ izwi lithi: “Shayan’ ingelosi
Ebusika nasehlobo ikhal’ ingalingozi!”
Kanjalo sengidelil’ ukuthi sewafa,
Ngoba ngibona kimi kuqothuk’ ekhanda
Izinwele zobusha, izimvu zingikhanda,
Zinginik’ ukuzotha nophawu lobudala
Engalubona kuwe uyimpung’ usukhathala.
Emva kwalokho waya ngokuya ushabalala,
Nami ngaya ngikubona kancan’ unyamalala.
Namuhla sengiyakholw’ ukuthi sewafa,
Ngoba kwaButhongo ngiyakubona
Uza nenhliziy’ enokuphola,
Ungiweza ngamasango namazibuko
Obuhlakani nezindlela zenkalipho;
Nodondolo lwakho ngiluzwa lugqula
Phambi kwamehl’ ami ngingakuboni.
Nginjengempumputhe ngamehl’ omzimba.
Yebo, manje ngiyakholwa sewafa,
Wanyamalal’ ungunaphakade.
9 - Ukuhlwa
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 19-20
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Sengiyabon’ ukuthi sekuhlwile,
Izintaba sezithibe amathunzi,
Ilanga selibomvu njengesibhuda.
Izinkonjane sezicashile,
Nomoya wolwandl’ usuthule.
Phezulu ngibon’ amalulwane.
Imigwaqo seyikhanyisiwe.
Ngiyesab’ izinswelaboya,
Sezalukil’ ukuzingela.
Lapha kakukho tshani.
Kukhon’ uthuli lwezindunduma
Olushuquka luya phezulu.
Lapha kakukho mfula
Wokucash’ izingxangxa,
Kuphume nezizinzi.
Kuphela kuyaphethuzela
Sekubuywa emisebenzini.
Yebo kuyasiqoq’ ukuhlwa!
8 - Wo, Leli Khehla!
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 17-18
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Zinesithunz’ izinwele zakho!
Zibik’ imigwaqo yeminyaka,
Ziland’ inkambo yobudala,
Zingivus’ umunyu nomona.
Ngiyazifisa, zingisus’ isizungu.
Linenzulu lelokhanda lakho!
Ngibe ngiyafak’ ubhoko ngizwa
Ukujula kwalo, ngingagquli phansi.
Naw’ ulokhu wathula ungangazi,
Nami kulukhun’ ukukusukela
Ngingakwazi, kodwa ngiyakuthanda.
Endlebeni yakho ngibona lapho
Kwahamba khon’ uphawu lukaZulu.
Namhl’ iziqhaza zokuhloba
Uzikhiphile wazilahla phansi;
Awazi nalapho zasala khona,
Namanxiwa lapho zawa khona.
Emehlwen’ akho ngifund’ usizi.
Nentshengul’ obhema ngayo
Ngiyibon’ ikukhiphis’ unyembezi
Emehlwen’ akho achiphizayo.
Umqondo wakho kawusekho lapha,
Namehl’ akho abuka kude.
Kukude ezihlangwini zawoShaka
Phansi ezizibeni zikaDukuza,
Lapho amanzi ezonzobele khona
Ngamakhand’ amadoda nemizi yawo:
Nawo asengwevu njengawe phansi.
Njengob’ ugqolozele nje, ngiyabona
Ukhuluma nezingengelezi zikaZulu.
Chathazela min’ engizobhala phansi
Okuzwayo nokukhulunywayo nokubonwayo
Ezweni lezimpunga nelokhokho.
Ngilangazel’ ukuzwa nokuqonda.
Nom’ ungangiphenduli nsizw’ endala,
Zinesithunzi izinwele zakho,
Ngiyazithanda, zingivus’ umona.
Isingeniso
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp vii-xviii
-
- Chapter
- Export citation
2 - Imbongi
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 3-4
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Olukaban’ ulim’ olukhuluma
Lunyakazise imithambo
Yezinhliziyo neyamakhanda
Ezilwane nemithi nenhlabathi;
Okhulumela kude naseduze,
Kodwa kuvele kufane;
Okhuluma ngivuka nanxa ngilele,
Nokho ngivele ngimuzwe?
Olwembong’ ebongel’ abangekho,
Nelembong’ ebongela ngisezwa.
Ngizw’ ikhuluma phans’ entshonalanga
Laph’ imililw’ ebomv’ iqhamuka khona,
Nalapho kungephuzela khona
Amalangab’ omnyama nokwesaba,
Nalapho kuphuma khon’ uqwembe
Lwembes’ umhlaba ngezinkanyezi
Eziqakamba ngivuke ngigozobale.
Mbong’ ubong’ umhlab’ usakhasa,
Wakhula won’ umhlaba wema,
Wadlubulunda ngaphambili,
Kodwa wena Mbongi walikoza
Ngokubonile nokuzayo,
Ubikez’ abaphansi bamathongo
Abakuthume ngolimi,
Thina sikhuluma ngekhubalo.
Konje ngabe yim’ engikhulumayo,
Noma ngabe nguwe Thongo likaMbongi?
Ngabe ngizwe kahle noma
ngiyahlongozelwa?
Ngingakazalwa umhlaba wawungenandlela;
Ungaziwa, ungaqondakali, ngawubamba.
Ngizwe umemeza, Mbongi, phambi kwami,
Wangihola ngodondolo ngin-
gaboni, ngabona.
Ngidedele ngibonge, ngivul’ indlela nami
kwaMhlaba.
15 - KwaDedangendlale
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 35-42
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Ngikhumbule kus’ ekhaya
Laph’ ilanga liphumela
Phezu kwezintab’ ezinde,
Lishone libomv’ ezansi
Kuze kusondel’ ukuhlwa
Nokuthul’ okucwebile,
Laph’ uphuma phandl’ unuke,
Uhogele ngamakhala,
Uzigqum’ umzimba wonke
Ngomoya wolwandl’ omanzi.
Ngikhumbule nakwaQwabe
Ezweni lemikhambathi
Elinemivi nameva,
Lapho sigxumeka khona
Amaxhokovan’ ezindlu
Sisingethwe yizintaba
Ezinamawa namatshe
Ambozwe yimbingcizane
Eluhlaz’ enjengoboya
Bemvan’ esanda kuzalwa.
Lapho sigingqika khona,
Sihuba njengemimoya,
Sikhwelana nemimango
Egamanxwe yimifula
Eholob’ ibhek’ ezansi
Lapho kungabuywa khona —
Bath’ abadal’ uma besho
KukwaLulwandl’ olumnyama
Olugubhayoluveva
Selokhu bavul’ amehlo.
Nami ngimile phezulu.
Ngiqoshem’ eMkhambathini
Ngabuka phansi ezansi,
Ngabona kuthunq’ intuthu,
Ngabuza ngingenalwazi,
Bangihlebel’ endlebeni,
Bangikhombisa kusuka
Phezulu koMgungundlovana
Kudwebe kushon’ eMhlali
Nangenhla kwaseMgungundlovu.
Ngaqala ngamangala
Ngibon’ amasim’ amnyama
Ekhihliz’ ikhab’ ummbila,
Namabel’ esevuthiwe,
Amajuba nezintaka
Zitshiloz’ emagatsheni
Ziwenanel’ ukuvuthwa.
Amehl’ am’ adonsekela
Phezulu kwezinkangala
Ngibona zikhwel’ imingqangu.
Kuzo ngabona kukhwela
Izintokaz’ ezimnyama
Zithwele amagobongo
Ziwayekelel’ akhanda,
Nemizimb’ icwebezela
Ngenxa yokuzicwengela
Zifun’ udumo lwesizwe.
Ngemva kwalezi zinkehli
Ngibon’ amashob’ emile,
Nezihlangu zezinsizwa.
Ngabona nokushelana
Kwezintombi nezinsizwa.
Ngabon’ amasok’ enqoba,
Ziwakhunga ngobuhlalu.
Ngema ngafikelw’ umona,
Ngaziduduza nganxanye.
Lapho ngibheka ngaphansi
Kwemiseng’ ebiseduze,
Ngibon’ imihlambi emihle
Yezimbuzi neyezimvu.
Phakathi kwayo ngabona
Abelusi beyinqanda,
Bayiqondis’ emakhaya.
Ngabheka ngakwaLulwandle,
Ngahlangana nofasimbe,
Ngabethwa ngumoy’ omnandi,
Wez’ usondela ngemithi,
Ngalalela ngaguquka,
Kant’ ilanga lishonile.
Ngabheka phans’ emfuleni,
Ngabon’ amanz’ esekhanya,
Kwangath’ asekhanyisiwe.
Kanjal’ isithunzi sami
Naso savela phakathi;
Ngazibuka nganeliswa.
Phans’ eMlazi noMkhomazi,
Uyovakashela khona
Uzibone lezi zinto.
Ziyokuvul’ inhliziyo.
Amanzi ayokukhanya,
Ekhanyisw’ izinkanyezi
Zasezulwini emafini.
Um’ unenhliziy’ egcwele,
Uyohlala phans’ ubonge
Amathong’ oyihlomkhulu
Akuzalela kwaZulu,
KwaBuhlebungayindawo,
KwaMfulisagcwelamanzi,
KwaTshanibuseluhlaza.
Imikhambathi yakhona
Nasebusik’ iyathela,
Kant’ imith’ iphundlekile,
Kayinamandl’ okuvuka.
Yebo, nami ngiyothela
Ngigcwal’ amajikijolo,
Ngiyethe njengamasundu
Agcwel’ izihlekehleke,
Ngay’ inyanga yomkhambathi,
Phansi kwelakithi kwaZulu.
Ngiyokuma ngithi phuhle,
Ngifuzane nezintaba
EzikwaDedangendlale,
Ezinekhambi lobuhle
Engibone lidl’ umLungu,
Wahamba wahamba wema,
Wamisa nemoto yakhe,
Waphuma wahlala phansi,
Wakhiph’ igudu wabhema,
Wabuka waze wakhala.
Nami kaningi nginjalo,
Ngidakwa yilezi zintaba,
Ngilahleka ngingatholwa,
Ngedukile ngezigodi
Eziqhakaz’ izimbali
Zihlanganisil’ iphunga
Leminduze namazibu
Aqhakaz’ esizibeni,
Ahlobis’ amanz’ athule
Ecwebe ngohlaz’ oluhle.
Ngidakwe ngaphuphutheka
Ngaze ngaficwa yinkungu.
Ngiphakathi namahlathi
Ngahlangana nezimfene,
Zangethusa zingikhuza.
Ngalalela kud’ ongoqo
Banikezelan’ igama
Abalicula ngokuhlwa.
Ngezwa kuvuka nezinye
Izilwane nezinyoni.
Ngabon’ uzavol’ engikha,
Ngasengel’ abantabakhe.
Ngalala phansi kwenyanga
Ngibelethwe ngumhlabathi;
Isiphuku kungutshani,
Ngacamel’ esiqundwini.
Ngashayana nengqimphothwe
Ngibukel’ izinkanyezi
Ziphuma zishon’ ezansi,
Nomthal’ uguquka nezwe.
14 - Izinsimbi zesonto
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 31-34
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Ngizwa izinsimbi zincencetha.
Lezo zinsimbi ngizizwe ngimncane,
Zikhula zingiphekezela
Phansi ezilubeni zolwandle,
Ziqubula kunyazim’ amaza,
Zingiguqukele sezicula.
Ukucula kuye kunkenkethe
Phakath’ emongweni wenhliziyo.
Lezi zinsimbi zikhala phezu
Kwamazala namalib’ akwethu.
Kwethu bekundind’ uZul’ ebuka,
Ebukana nomtat’ ucwebile,
Uyakazel’ amanz’ aluhlaza,
Uhlaz’ olwang’ imamba yemithi
Engiyibone ngaqhaqhazela,
Ngathi ngihlomile kanti ngize.
Ngibalekile ngacasha nhlanye,
Ngabon’ umhlaba usimbuka wonke.
Kwath’ esikhundleni sokushaywa,
Kushaywana namahaw’ enkomo,
Ngezwa nina zinsimbi zomLungu,
Enikhale ngaqale nganengwa,
Nganengwa kwafuquza nolaka,
Ngagcwal’ umusi ngaze ngabohla,
Ngabohla ngahlala phezu kwetshe.
Leza kim’ izwi lenu zinsimbi,
Langigumulis’ umutsh’ omkhulu,
Langinik’ indlu yemilenz’ emibili,
Langibhec’ emhlane ngamalokwe,
Ngawathatha ngisaphukazela.
Ndabazemkhonto ngikushiyile,
Gudulokubhenywa ngakulahla.
Namhla ngingumngquphane womhlaba.
Nginanto yinye phansi kwelanga;
Amehlo nezindleb’ ezimbili;
Kokubili kufunz’ inhliziyo.
Lapho ngithi nginokucabanga,
Nomqond’ ohlaziy’ okubonwayo,
Izenzo zomakhelwane wami
Zichith’ ubuntu bemvelo kimi.
Ji! Kuhle ngihlale phansi ngibuke.
Mlungu, wahlule wachith’ uZulu!
Ngiyakubon’ ukujaja kwakho.
Ngihlekwa nayizindonga zakho,
Zisukum’ emhlabathini, Zulu,
Zimi phezu kokuhlakanipha
Kwendumo yolwandle namathongo
Okuthiw’ aphethe konk’ ukwazi.
Khalani zinsimbi kusemnandi!
Ngizwa izwi lenu libubula,
Libik’ umhlab’ osuguqukile.
Lingikhumbuza ngenkaba yami,
Lingikhumbuza lapho ngiqome
Khona, ngaqom’ eThekwin’ olwandle
Ngingentombi yon’ eqom’ insizwa.
Ngikuvumile Theku ngakuqoma.
Ngikuqome njengoMameyiguda
Beshikish’ indlamu eMsizini;
Ngakuqoma njengoShampeyana
Ephehl’ umLungu njengobulawu;
Ngakuqoma njengoLuthuli
Ekhanyis’ iLanga kwabamnyama;
Ngakuqoma njengomfo kaSamvu
Egogod’ ubunyanga bomLungu.
Khalani zinsimbi zabeLungu!
Sebevukil’ oMafukuzela,
Bancinz’ umqondo womunt’ omnyana.
Niyakhala kanivusi bona
Abanishaya benibhekile.
Nivusa thin’ esicashe phansi
Kwemizizi yethunzi lomLungu.
Khalani! Kungani zinsimbi!
19 - UNokufa
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 93-104
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Wena kaGovu kaSonkomose,
Siyayaz’ inzondo yanamuhla;
Saz’ okukhul’ okungenancaso.
Sasoneni ngaze sihlupheke
Lokhu kuhluphek’ okungazange
Sikukhethe sibe omzondwase?
Izinhliziyo ziphel’ ithemba.
Kuzithombo zin’ ezitshaliwe
Zingathintwanga yizandla zami?
Namigwaqo min’ ehamb’ isonga,
Idabul’ amazw’ agcwel’ ubisi
Lwezintandane zikaMakhwatha
Ekunamuhla zincel’ izithupha?
Nokho kunjalo siyaz’ ukuthi
Ngelang’ elithize siyophuma
Siphiw’ inkululek’ engapheli.
Lezi ngan’ ezilusapho lwethu
Yiz’ eziyotshal’ imbew’ enkulu
Eyohlokoma ngaphezu kwethu.
Siyihlwanyel’ ezinhliziyweni,
Emiqondweni nasemandleni
Abakhulayo behlumelela.
Masijuluke siye phambili,
Phambili lusapho lweth’ oluhle!
Uzalwe uyihlomkhul’ ephila,
Wakuqamb’ igam’ elithi Ndoda
Ngob’ unguMlamulankunz’ ekhaya.
Uliqambe ngoba unguMenzi,
Wehlukene njengentshonalanga
Ibuqamama nempumalanga,
KoMenzelwe nawoMsetshenzelwa.
Nasezibhedlela kwaMakoti
Wadunyelw’ igam’ elingandile,
Lehla ngezilulu zoPhakade,
Lathi unguMbongen’ okaMafu
Ongahlulwa lutho nom’ oklebe
Base bephakuza izimpiko,
Bencel’ izithupha beq’ ilanga,
Bethi ngeke ngamehlo simbone.
Bheka ngaphuph’ intomb’ uNontula
Ibhinc’ isidwaba nobuhlalu,
Ihamba noMphandle kaFumuka
Beza befanisen’ ukuhloba.
Ngathi ngimi ngithe dlengelele
Kwaqhamuk’ uFani kaMdleyana.
Bonke basina bebon’ insizwa
YawoMenzi kaMakhwath’ imile,
Kanti baling’ ukuyihlakaza,
Bayihlamuka bebhema ngayo,
Befakan’ imilomo ngamanga.
Unjalo wemthombo wakwakufa!
Sithi siya phambil’ ubugqiza,
Ith’ imiful’ iy’ olwandle, wena
Ub’ uqons’ intab’ uy’ oKhahlamba.
Mamo, uligwala we Nokufa!
Ith’ imp’ iphakwa wen’ ub’ uhoxa
EsikaMhlangana noDingane.
Ugwaz’ abangenasiphephelo,
Ugwaz’ abobambo lwakho –
Kant’ ukwehla kwesiqalekiso.
Ngangingaz’ ukuth’ ungubani,
Ngizwa ngendaba la kuxoxwa
Kuthiwa ufika kusale
Ngakulelo qele kukhalwa.
Kusuk’ abayizitha bembe
Beshay’ izinsimbi zemingcwabo,
Bekhuz’ izifo benenjabulo
Ngob’ umnyang’ uvuliw’ oy’ endlini.
Wayesho njal’ ubaba kimi
La ngimphekezel’ ehamba,
Ephung’ izith’ ezinkantolo,
Nalaph’ esehlez’ ekhaya
Umqondo wakhe uthiyaza,
Ngeliny’ ilang’ alal’ ekhohlwe
Ukucim’ isibani sakhe,
Ehlakahlana nomcabango
Wezint’ eziyosimbuka
Phezu kwezint’ azinqumile,
Ekhohlisek’ ebuthongweni
Eth’ izint’ azikhulumile
Ziyoma njengoba kunjalo.
Ngahamba ngifunana nawe
Ntombi yokufa, wen’ ozandla
Zigcwele zonk’ izinyembezi
Nezinsizi zabancane
Abancelwa igazi labo,
Bajuluk’ izithukuthuku,
Ziconsela phans’ ukomiswa
Ikhoza lelanga nomoya
Wentshonalanga ophephetha
Uhwamule umhlabathi
Notshani obumanzi bome.
Ngakufumanisa uhleli
Komkhul’ umnyama namadodakazi
Enzalo yesisu sakwakho,
OKhalisile noMzondwase,
Bebek’ izandl’ ezihlathini,
Amehlo nezindlebe zimi
Zihlongozele abandl’ emnyama
Abanqathuza izindaba,
Begodl’ ekhwaphen’ abayizitha.
Thula wen’ oyibukela kude,
Baningi bebathwel’ emahlombe.
Bawa kanjan’ abakobaDelwa
Becindezelana nezingane
ZawoFelephi kamaNyokana!
Ngibuza kuw’ onamehlo namuhla!
Ngizibonil’ izintokazi
ZawoSihlonono ziphoqoka
Kuyilapho zisuka phansi.
Ngabaleka ngacasha ngomuthi.
Ngabuye ngabona nezabanye
Ziyek’ izihlathi zichithela
Phansi nobuntombi bumsulwa,
Zigawulwa zinsizwa zendl’ emnyama.
13 - Ngizw’ ingoma
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Inkondlo kaZulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 53-54
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Ingoma yenu ngiqale ngayizwa,
Ngayizwa ngayeya ngokungazi,
Namuhla sengiyayiqonda ngiyayithobela.
Laph’ amazw’ enu engqongq’ esifubeni,
Eloloz’ ezibilini zozwel’ oludala
Enilutape kwaZulu neduka nomhlaba,
Ningikhumbuz’ okungasekho
Nengingenamandl’ okukubamba
Noma sengikhal’ ezimaconsi.
Lokh’ enikungomayo nina
bakwaNgungunyana
Senakulolonga naba ngaba-
Venda kwaThobela,
Kwakuhaywa ngokhokho bawokhokho
Behlezi phakathi kwamanxuluma
Bebhem’ izinyathi nezinkab’ ezizimbedula,
Nogogo betekula phansi kwemilovu.
Ningisus’ usinga, ngivukwe yikhambi.
11 - Ukuthula
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 23-24
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Uma thina sobabili singahlala lapha,
Sicambalale osebeni lolwandle nogu,
Ehlabathin’ elimhloph’ eligcwel’ ufasimbe,
Lapho kugcwel’ ukuthula kom-
hlaba nezulu —
Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane
Usikisiki lomphefumulo nonembeza.
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo,
kuyo kubuthene
Konk’ okuhle nokuphas’ umphef-
umulo wami.
Kuyona ngizw’ amazwan’
abantu bekhuluma,
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
Bayasikhohlisa bathi ngamahlengethwa,
Abanye balokhu benyakazisana nemithi,
Benyakazisana nezindwan’ eziluhlaza.
Kuthi nxa siyobuza kuthiwe yiwona moya.
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangit-
handa, woz’ uzizwele.
7 - Yin’ Ukwazi?
- B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
-
- Book:
- Amal’ezulu
- Published by:
- Wits University Press
- Published online:
- 01 September 2022
- Print publication:
- 01 October 2021, pp 15-16
-
- Chapter
- Export citation
-
Summary
Ngitshele mngane!
Kuyin’ ukwazi?
Ngigqoke kahle,
Ngiphath’ induku,
Ngiqwal’ umgwaqo,
Ngidl’ ezibomvu?
Ngitshele ntanga!
Kuyin’ ukwazi?
Ngukuy’ esikoleni,
Ngifundane nencwadi!
Ngize ngiphum’ impandla
Ngipheny’ amaqabunga?
Ngitshele mame!
Kuyin’ ukwazi?
Ngukuba yisikhulumi,
Ngibatshazwe yizwe lonke,
Ngichazane nemithetho
Ngingenal’ ulwazi lwayo?
Ngitshele baba
Kuyin’ ukwazi?
Woza mfana wami
Ngikudons’ indlebe:
“Khuluma kancane
Wenze kakhudlwana.”