Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-848d4c4894-nr4z6 Total loading time: 0 Render date: 2024-05-17T21:24:53.811Z Has data issue: false hasContentIssue false

19 - Ezinkomponi

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

B. W. Vilakazi
Affiliation:
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Get access

Summary

Dumani mishini yezinkomponi,

Nidume ngesokusa lize lishone.

Ngizovuka, musani ukungibelesela.

Dumani mishini ningalaleli

Ukugquma kwezisebenz’ ezimnyama,

Ziqaqanjelwa ngamanxeb’ omzimba,

Nezithubula zomoya zifuthelene,

Insila yomjuluko inuk’ emzimbeni,

Inqulu yenu niyithintitha kuthi do.

Memeza mfan’ omdala kukude,

Kukude lapho wabunjwa khona,

Washisw’ emlilweni, kwavuthwa

Wena kwasal’ amalahle wathunyelwa,

Sakubon’ uwel’ amanz’ olwandle.

Wathwalwa ngononjinjikazi bezwe,

Bakushushumbisa bakusa laph’ eGoli.

Wakhala mhlathize kwaqhamuka,

Kuvela macal’ onke izimbila.

Izimbila zabambala mnyama,

Zaswel’ imisila, wazithatha

Wazigqum’ emgodini wazisenga.

Guqukani masondo ezinsimbi,

Nalethelwa thina naboshezelwa

Kungekuthanda kwenu nokuzimisela.

Namhla niduma nilokhu nidonse njalo.

Abanye benu ngibabona begqwalile,

Sebalahlwa ngaphandl’ emazaleni.

Lapho ngidlula ngendlela,

Ngiyaguquka ngibheke

Ngicabanga ngithi niyozalana,

Khathisimbe nande; kodwa qha.

Abanewenu nabo bayagqwala

Ngaphakathi ezinkomponi.

Amaphaphu abo aya ngokugqwala,

Bakhwehlele balale bafe.

Pho, nina anikhwehleli ngani?

Ngizwile kuthiwa emgodini

Kuy’ izizwe ngezizwe zikaMnyama.

Yizo lez’ ezivus’ amagqum’ amhlophe

Amangalis’ amathong’ amnyana.

Ngizwile kuthiwa kwakhala

Imishini kwavela mbib’ emnyama,

Emqondweni wayo kuhlwile khuhle.

Yabanjwa yaphendulw’ imvukuzane,

Yavukuz’ umhlabathi ngabon’ iGoli.

Yebo, zivukuzil’ izimvukuzane

Kwavel’ izindundum’ ezimhlophe.

Zafukuzela phansi zakhwela,

Namhla zingangeSandlwana.

Ngizikhwela ngesul’ isithukuthuku,

Ngithi ngiphezulu ngibon’ izikhatha

Zentuthu emhlophe yothuli isuka

Phans’ ezinyaweni zami, ngibheke,

Ngiyibon’ ivimb’ umhlaba wonke.

Dumani mishini yezinkomponi,

Dumani kakhulu nakakhulu.

Vimbezelani ngomsindo singezwakali

Nakuba sikhala sigquma njalo.

Amalungu emizimba yethu adliwa yini.

Gegethekani mishin’ emidala,

Kuhle nisihleka sifuquleka.

Amandl’ enu makhulu niyesabeka.

Ningenza ngokuthanda kwenu, siyavuma.

Sivumile ukuphum’ eqhugwaneni,

Sazoluswa njengezinkabi;

Sashiy’ amabele namasi nobisi,

Sazohlalel’ uphuthu nephalishi.

Buphelile ubunumzane, singabafana.

Siyabona izwe lishay’ ungqimphothwe.

Sivuswa ngesokusa sim’ uhele.

Wake wakubonaph’ ukungcwatshwa

Ubheke ngawo omabili, uzihambela?

Dumani mishini yezinkomponi.

Ngiyavuka kanginwabuzeli.

Ngizongena phansi komhlaba

Ngiyoshay’ ijombolo phezu kwetshe.

Naw’ ongaphandle ongangizwayo,

Uyobona ngakho ukuthi sengiyalishaya

Ijombolo lomLungu laph’ ubona

Amagaliga nezingolovane ziphuma

Zigcwel’ amatshe amhlophe naluhlaza.

Umfoweth’ uyolithwal’ ipiki,

Nehalavu alibek’ ehlombe

Efak’ amagqukel’ ezinyaweni.

Nay’ angen’ angilandele,

Umhlab’ usigwinye siyovukuza.

Uma ngifile khona ngaphansi

Kuyoba nani?

Ngingubani nje nempela?

Kwasa kusa, mntanomuntu,

Bayagingqika begenuka ngibuka.

Ngingene ngaphansi kwenhlabathi

Kungekho mibhoshongo ekhwele

Engiyibuka ngigebenyeke.

Ngathi ngiyagoduka nemithwalo

Ngashayw’ amahlanga namanxiwa,

Ngenway’ ikhanda ngisangene.

Ngabuz’ umkami nabakhwekazi,

Bangitshel’ umLung’ engimsebenzelayo.

Ngathula ngawuhlab’ inhlali.

Dumani mishini yezinkomponi.

Noma nikude kwaDukathole

Amazw’ enu ahlabay’ emphefumulweni;

Ayancencetha ezindlebeni zami,

Anjengensimbi yethus’ izwakala kude;

Angikhumbuz’ imibhoshong’ emide

Nemicebo, nezicebi engizikhuphulile

Zenyukel’ endlin’ engenhla, zangishiya

Ngigxiz’ amanzi njengengcuba yenkomo.

Type
Chapter
Information
Amal’ezulu , pp. 73 - 80
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

  • Ezinkomponi
  • B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
  • Book: Amal’ezulu
  • Online publication: 01 September 2022
Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

  • Ezinkomponi
  • B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
  • Book: Amal’ezulu
  • Online publication: 01 September 2022
Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

  • Ezinkomponi
  • B. W. Vilakazi, University of the Witwatersrand, Johannesburg
  • Book: Amal’ezulu
  • Online publication: 01 September 2022
Available formats
×